Usekulungele ukuphakamisa umhlanga we-19

ISITHOMBE: sithunyelweUNks Sbongile Jobe othi usemi ngomumo ngohambo lokuya eMkhosini woMhlanga kulonyaka.
ISITHOMBE: sithunyelweUNks Sbongile Jobe othi usemi ngomumo ngohambo lokuya eMkhosini woMhlanga kulonyaka.

INTOMBI nto eseyikhulile yasendaweni yaseSnathing ithi ukuthanda usiko lwayo ikona okumkhuthaza ukuthi njalo abe nokujabula uma ngabe sekusondele ukuthi bahambe baye eMkhosini woMhlanga kwaNongoma nalapho kuhlangana khona izintombi nto njalo ngonyaka ukuzobungaba ubuntombi bazo.

UNks Sbongile Jobe (33) uzophinde abe ingxenye yalombungazo nangalonyaka nozobanjwa mhla ziyisikhombisa kuSeptember.

Ekhuluma ne-Echo, uNks Jobe uthe kuzobe kunngokwe-19 ehambisa umhlanga kulonyaka.

Uthe waqala ukuhamba uMkhosi woMhlannga ngonyaka wezi-2000.

“Ngesikhathi ngikhula zonke izingane zamantombazane zasendaweni zazihlolwa ubuntombo bazo. Ngaqala ukuhlolwa ngineminyaka eyisishigalolunye kodwa ngathi uma ngabe sengineminyaka eli-15 ilapho ngazinqumela khona ukuthi ngiyafuna yini ukuqhubeka nokuhlolwa ngihambe noMkhosi womhlanga,” kubeka yena.

Uthe ukuthanda usiko lwakhe kanye nokulihlonipha ikona okuhleli kumgqugquzela njalo kuphinde kumkhumbuze ukuthi aziphathe kahle kuze kube uyongena emshadweni.

Uthe nakuba kuyaye kube khona izinkulumo ezingezinhle ezikhulunywayo ngabo kodwa loko akukaze kumuqede umdlandla ngoba uyazi ukuthi kungani ehleli ehamba uMkhosi woMhlanga nanokuthi kusho ukuthini ukuhamba lo mgubho.

“Abantu bangakhuluma noma yini ngathi engalungile bathi sifuna ukubukwa kodwa thina loko asinandaba nako ngoba vele siyazi ukuthi siyizimbali ngako kumele siziqhenye ngaloko.

“Ukuhamba uMkhosi woMhlanga kanye nokuba intombi ehlolwayo akukho nje mayelana nokuba intombi kuphela.

“Kodwa kuba khona ngisho nama workshops lapho siyalwa khona ngokubaluleka kokuziphatha kanye nokubaluleka kwemfundo futhi. Ngisazoqhubeka nokuziphatha kahle ngihambe uMkhosi woMhlanga kuze kube iNkosi iyangibusisa ngomshado.

“Uma nje sekusondele isikhathi sokuthi kuhanjwe ngivele ngibone ukuthi konke kuphelelisiwe.”

UNks Jobe ube eseyala izintombi ezisakhula ukuba zingayeki ukuhlolwa kanye nokuziphatha kahle.

“Ave kubalulekile ukuziphatha kahle.

“Ngesikhathi sikhula thina sasilandela isiqubulo esithi sifuna ukwehlisa izinga lokukhulelwa kwentsha isencane kanye nokwanda kwesifo sengculaza. Nakuba lingehlile kakhulu izinga kodwa siyawubona umehluko okhona,” kubeka yena.

Ube esenxusa uMnyango wezokuThutha ukuba uqinisekise ukuthi izithuthi zezintombi zisesimweni.

Ukusho loku nje emasontweni edlule bekusanda kuba khona isibhicongo sengozi nalapho kudlule khona izintombi eziyisithumba endaweni yasePhomoroyi nezikade ziye emcimbini wokulungiselela uMkhosi woMhlanga.

“Lento yokuthi silahlekelwe izintombi siyibona isinjengomkhokha ngoba nje isiyenzeka kanti isikhathi esiningi kusuke kuyizithuthi ezinenkinga.

“Siyacela nje ukuthi sengathi singabhekelelwa kulonyaka ukuze sonke sizobuya siphephile kulombungazo,” kuphetha yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
7% - 988 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1878 votes
Have no interest in spending more money this year?
79% - 10539 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.63)
ZAR/GBP
20.32
(-0.45)
ZAR/EUR
18.12
(-0.61)
ZAR/AUD
11.20
(-0.65)
ZAR/JPY
0.15
(-0.78)
Gold
1809.97
(+0.12)
Silver
23.29
(-0.15)
Platinum
963.00
(+0.40)
Brent Crude
48.73
(+1.57)
Palladium
2368.48
(+2.46)
All Share
57923.69
(+0.31)
Top 40
53084.13
(+0.27)
Financial 15
11645.28
(+0.04)
Industrial 25
79993.34
(+0.20)
Resource 10
52790.93
(+0.35)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo