
UBOSHWE esekubhaceni umlisa wakwaMpumuza osolwa ngokubulala udadewabo onyamalale emavikini amathathu edlule kwatholakala isidumbu sakhe sigqitshwe ngamatshe emfuleni.
UMlungisi Mpanza (38), uvele kafushane enkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoLwesine olwedlule ebhekene necala lokubulala udadewabo uNokuthula Mpanza (36), isidumbu sakhe esitholwe mhlaka 11 Agasti sigqitshwe ngamatshe osebeni lomfula kwaMpumuza.
UMpanza wagcina ukubonakala mhlaka 6 ku Agasti kanti isidumbu sakhe satholwa amalunga omphakathi ngokusebenzisana nenhlangano elwisana nobugebengu kulendawo iCommunity Crime Prevention Association.
UMlungisi ngesikhathi evela enkantolo ucele ummeli wesihle kanti umbuso uveze ukuthi uzosiphikisa isicelo sakhe sebheyili ngoba usabela ukuphepha kofakazi.
I-Maritzburg Echo ithole ukuthi umufi nomfowabo bese bephenduke inkukhu nempaka ngenxa yezingxabano zangaphakathi emndenini.
Laba bobabili bekulindeleke ukuba bavele enkantolo mhlaka 8 Agasti emuva kokuthi umsolwa ephule imibandela yencwadi yenkantolo eyayimyalela ukuba angasondeli kumufi.
Ekhasini lakhe laku-Facebook mhlaka 13 ku Julayi nonyaka, uNokuthula wabhala umyalezo ngokusabela impilo yakhe.
“If I die or ngilimala in anyway ningibuze kulaba abalandelayo: Mlungisi Mpanza no Bhekisisa Mpanza. Angikwazi ukuthula nokujabula empilweni yami ngenxa yabo and it getting worse by the day and plz no likes there is nothing to like about my status.”
Khona manjalo omunye wabangani baNokuthula baku-WhatsApp othe usashaqekile ngokubulawa kwakhe uthe wamthumelela umyalezo mhlaka 3 ku Agasti ecela usizo.
“Wangithumelela umyalezo othi sisi wami ngicela usizo lwakho ngihlushwa obhuti bami, namhlanje bebeshisa indlu ngingabasebenzisa kanjani abezindaba ukuthola usizo ngoba amaphoyisa awangisizi ngenxa yokuthi umonakalo oba khona usuke ungemkhulu futhi kusuke kungekho olimele, inhloso yabo ukungibulala.”
Umsolwa kulindeleke ukuba abuyele enkantolo namhlanje mhlaka 25 Agasti. Okhulumela amaphoyisa asePlessislaer uKapteni Musa Ntombela uthe umsolwa uboshwe endaweni yaseDokodweni ngoLwesithathu olwedlule.