UWELWE udonga lwendlu washona owesilisa wasendaweni yase-Willowfontein eBulwer obezama ukusiza kamakhelwane ngesikhathi bekhipha izimpahla endlini edilizwe imvula ngeSonto emini mhla zingama-31 kuMasingana (January).
UMnu Zephania Mkhwanazi (70) ushonele emtholampilo iMbalenhle ngemuva kokuba ephuthunyiswe khona ngemuva kwesigameko.
Ngokuthola kwe-Echo ngelinye ilunga lomndeni uNkk Bikekile Mkhwanazi uthe ubaba Mkhwanazi uphume engumuntu obuyayo oyolekelela izingane zakamakhelwane ebeziwelwe indlu ngenxa yemvula. Uthe bebenethemba ukuthi uzobuya kwazise bekungayena kuphela obekhona ukuyolekelela omakhelwane bakhe ngokuthutha impahla.