Uwelwe yindlu umndeni ohlala kwaZayeka

Izithombe: ZithunyelweIndlu yomxhaso yakwaNgcobo engaqediwe ukwakhiwa.
Izithombe: ZithunyelweIndlu yomxhaso yakwaNgcobo engaqediwe ukwakhiwa.

UMNDENI wakwaNgcobo endaweni yakwaZayeka eSweetwaters uwelwe yingxenye yendlu abahlala kuyona ngoLwesihlanu oledlule mhlaziyi 29 kuSepthemba ngenkathi kunomoya obuvunguza ngamandla.

Ilungu lalomndeni, uNkk Makhosazane Ngcobo uthe kuwe udonga lasekhishini nolwasegumbini lokulala okugcine kushiye lomndeni negumbi elilodwa abalisebenzisayo kumanje.

Uthe: “Nami ngibikelwe ngocingo ukuthi sekuwe udonga ngoba besengisemsebenzi ngaleso sikhathi,” kusho uNkk Ngcobo.

Uqhube wathi into emuthusayo ukuthi kwalona leligumbi elilodwa abalisebenzisayo linezindonga eziqhekekile futhi kwalona lingawa uma kungaphinde kubekhona umoya ovunguza ngamandla.

Uthe emuva kokuthola umbiko ngokuwa kwezindonga zendlu uphuthume ekhaya wafika wathola ukuthi kukhona izimpahla ebesezintshontshiwe.

“Kuntshontshwe izivalo zendlu yomxhaso engakhelwa yona kanye nezinye izimpahla,” kusho uNkk Ngcobo.

Ngokusho kukaNkk Ngcobo sekuphele iminyaka emibili kwaqalwa ukwakhiwa kwendlu yomxhaso yalomndeni kodwa eyikapheli njengoba ishoda ngophahla kanye nezicabanga osekuyinkinga manje njengoba ngoLwesihlanu sekwenzeke isenzakalo esibi sokuwa kwezindonga zendlu yabo endala.

“Kusukela ngoSepthemba 2015 kwaqala ukwakhiwa kwendlu yomxhaso kuze kubemanje ayiphelile sekuze kwawa ingxenye yendlu esihlala kuyona okusiphoqe ukuthi sithuthe ezinye izimpahla sizibeke komakhelwane, kumanje kunzima ukuhlala kule endala indlu njengoba kuwe izindonga kanti futhi akuhlaleki nakule ekahulumeni njengoba ingaphelile,” kusho yena.

Uthe umyeni wakhe, uMnu. Siphiwe Ngcobo sewake waya kwaze kwaba kabili eyobuza ukuthi yini imbhangela yokuthi kuthathe isikhathi esingaka ukuthi kuqedwe ngokwakhiwa kwendlu yomxhaso kodwa watshelwa ukuthi bazofika omakhi bezoyiqedela.

“Kodwa akukaze kufike muntu. Ngabo Juni nami ngaya ngiyobuza ukuthi yini ebambezelile ngatshelwa ukuthi kushintshwe osonkontileka abakha izindlu kwathiwa angilinde ngoba usonkontileka omusha usaqedela ezinye izindlu kodwa ziningi izindlu esezakhiwe zaqedwa ezinye ezaqala ukwakhiwa ngemuva kweyalayikhaya kodwa eyethu kusamile namanje,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthe endaweni ahlala kuyona kukhona umakhelwane naye eyakhe indlu yomxhaso eshodelwa uphahla kodwa zikhona ezinye eziningi esezakhiwe zaqedwa.

Leliphephandaba liyithumelile imibuzo kumasipala waseMsunduze ukuthola isizathu sokuthi kungani sekuphele iminyaka emibili indlu yakwaNgcobo ingaqedelwe ukwakhiwa kodwa ibingakaphendulwa ngumxhumanisi wakwamasipala ngesikhathi sokushicilela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 3560 votes
Yes, at work
17% - 1120 votes
No, I've never experienced this
27% - 1764 votes
Vote
USD/ZAR
14.25
(-0.4)
GBP/ZAR
19.85
(-0.5)
EUR/ZAR
17.14
(-0.5)
AUD/ZAR
11.05
(-0.0)
JPY/ZAR
0.13
(-0.5)
Gold
1,792.53
(+0.8)
Silver
26.46
(+2.4)
Platinum
1,208.98
(+1.7)
Brent Crude
66.57
(-0.7)
Palladium
2,888.50
(+4.5)
All Share
67,146
(+0.5)
Top 40
61,399
(+0.5)
Financial 15
12,126
(-0.3)
Industrial 25
86,735
(+0.3)
Resource 10
69,254
(+1.0)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo