
UZIME osemncane wasendaweni yase-Ashdown u-Latoya Madlala (11) uqophe umlando ngesikhathi enqoba isicoco sika-Miss Royalty PMB 2019 kanye nesicoco sika-Miss Charity ngosuku olulodwa.
Lo mncintiswano bewuse mtapweniwolwazi i-Bessie Head ngoMgqibelo mhla zingama-21 kuMandulo(September). Umncintiswano ubuhlelwe yinhlangano i-Alluta kanti inhloso yawo bekuwuqoqa imali ukuze izohanjiswa ekhaya lezintandane elizokhethwa yiyo le nhlangano.
Umama kaLatoya uNkk Londeka Madlala-Mavundla uthe ujabule kakhulu ukuthi ingane yakhe iwinile. Uthe uLatoya waqala ukungena endimeni yezonobuhle eneminyaka emihlanu nje kuphela.
“Ngesikhathi eqala engenela uzime wakhe wokuqala akazange aphumelele kodwa abantu abaningi babengawuvali umlomo ngaye nokuyikona okwamkhuthaza nami okwangigqugquzela ukuthi nami ngiqhubeke ngimeseke,” esho.
Uthe okumjabulisa kakhulu ngokunqoba kwendodakazi yakhe ukuthi ayigcinanga ukwenza into eyithandayo nje kuphela nokuwukumodela kodwa futhi kuzophinde kuhlomule nabanye abantu.
“Njengoba ekwazi nokuthi awine u-Miss Charity yingoba ukwazile ukuqoqa izinto iziningi ezizonikelwa ekhaya lezintandane. Lokhu kuyakhombisa ukuthi uyakuthanda ukusiza abantu kanti nami futhi kuyangijabulisa ukumbona enza njalo,” kubeka yena.