Zihlomule ngomfaniswano izikole zaseMbali

Umnikelo uhlomulwe isikole iLungisile ngoLwesibili olwedlule.isithombe: sithunyelwe
Umnikelo uhlomulwe isikole iLungisile ngoLwesibili olwedlule.isithombe: sithunyelwe

IZIKOLE ezintathu zaseMbali Unit 2 zihlomule ngomfaniswano nezinto zokuhlanza isikole ngoLwesibili olwedlule mhla zingama-24 kuMbasa (April).

Izikole ezihlomulile kubalwa iNdabenhle Primary, iLungisile Primary neNansindlela Primary.

Zonke lezi zikole zihlomule ngemufaniswano eyi-10, ama-mop amane nemishanelo emine, okunikelwe inkampani i-Satha Business Consultant ezinze ePlessislaer njengenye yezindlela zokubuyisela emphakathini.

UNkk Futha Ngcobo oyibamba likathishanhloko kulesi sikole ubonge wanconcoza kulenkampani ngalomnikelo wathi uzolekelela kakhulu esikoleni.

“Umfaniswano sizowuhlukanisela labo bafundi esibonayo ukuthi bayawudinga ngampela. Kuzosiza kakhulu ngoba nabo bazozibona befana nabanye abantwana bakhululeke.

“Imishanelo nayo izosilekelela kakhulu ngoba besibhekene nengwadla ngodaba lokushoda kwemishanelo lapha esikoleni. Nayo sizoyihlukanisa siyihambise kulawo magumbi okufundela akade engasenazo izinto zokuhlanza,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba bejabula ukuthi bathole leminikelo bayafisa ukuthi ngelinye ilanga kube khona iminikelo eyahlukile ngaphandle nje kwemifaniswano kuphela.

“Ziningi izinto abantu abangasilekelela ngazo siyisikole ngaphandle kwemifaniswano.

“Ngisho kungabe ama-computer amadala siwanikelelwe abantu abangasawadingi ngoba siyawadinga kakhulu esikoleni. Lesi sikole sike sabhekana nesihlava esibi sokugqekezelwa manje izinto eziningi azisekho yingakho sithi singalujabulela noma yiluphi usizo esingaluthola emphakathini nakosomabhizinisi.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 6543 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 1917 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 7895 votes
Vote
USD/ZAR
14.61
(0.0)
GBP/ZAR
20.02
(0.0)
EUR/ZAR
17.37
(0.0)
AUD/ZAR
11.13
(0.0)
JPY/ZAR
0.13
(0.0)
Gold
1,743.98
(0.0)
Silver
25.25
(0.0)
Platinum
1,204.50
(0.0)
Brent Crude
62.95
(-0.4)
Palladium
2,641.93
(0.0)
All Share
67,191
(+0.2)
Top 40
61,459
(+0.3)
Financial 15
12,123
(+0.8)
Industrial 25
87,544
(+0.1)
Resource 10
68,608
(+0.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo