Abadansi bacela uxhaso

ABADANSI beqembu iMurchison Ballroom Dance Club bacela uxhaso emphakathini emcimbini wabo ozoba ngosuku lwentsha iYouth Day, ozobe useMaveshe ehholo lomphakathi eMurchison.

Okhulumela leliqembu labadansi uMnu. Sibusiso Jili uthe kuningi okuzobe kwenziwa ngalolosuku.

“Sizobe sigubha usuku lwentsha ngendlela ehlukile lapho intsha izoba nemidlalo nomdanso ngaphansi kwesiqubulo esithi Youth in environment, phecelezi intsha kwezemvelo,” kusho uJili.

Uphimde wathi izinhlelo zosuku zizobe ziqondene nokuthi kufundiswe intsha ngokunakekela ezemvelo nokubaluleka kokuthi izibandakaye kwezemidlalo.

“Sizoba nemidlalo ehlukahlukene okubalwa kuyo ibhola lezinyawo, inetball siphinde futhi sidanse, sithole nezinkondlo kanye nezinkulumo ezakhayayo,” kusho uJili.

Uthe amaqembu ebola ayanxuswa ukuthi abhalise ngoR100 iqembu ngalinye kanti abenetball bona bazokhoka uR50.

“Imali ekungenelwe ngayo iyona ezoklomelisa amaqembu aphume phambili futhi iphinde isetshenziswe ukuya emncintiswaneni. Sicela abanamaqembu ebhola baphume ngobuningi ukuze usuku lube imphumelelo,” kusho uJili.

Uthe bazobesebenzisana nomnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nama cooperatives awesifazane nawentsha.

Uthe lomcibi uzoba imphumelelo uma intsha ip[huma ngobuningi ukuzogubha usuku layo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4640 votes
It's four more years for Trump
54% - 5509 votes
Vote
ZAR/USD
16.47
(+0.18)
ZAR/GBP
21.41
(-0.30)
ZAR/EUR
19.42
(-0.37)
ZAR/AUD
11.68
(+0.31)
ZAR/JPY
0.16
(+0.23)
Gold
1908.00
(+0.42)
Silver
24.57
(+1.60)
Platinum
860.00
(-0.29)
Brent Crude
43.06
(0.00)
Palladium
2337.50
(+0.72)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo