Amaphoyisa akhulekela izingozi

Ubuholi bamaphoyisa, abefundisi namalungu omphakathi bekhulekela izingozi emgwaqeni.isithombe: sithunyelwe
Ubuholi bamaphoyisa, abefundisi namalungu omphakathi bekhulekela izingozi emgwaqeni.isithombe: sithunyelwe

UMPHATHI wamaphoyisa uMajor General Sethenya Agnes Nxamagele ube nohlelo lokukhulekela izingozi zomgwaqo emva kokubona indlela esezande ngayo.

uMajor General Sethenya uqoke izindawo ezimbalwa lapho izingozi ezivamise ukwenzeka khona.

Ngosuku lweNkululeko ngomhla ka-27 kuMbasa (April) uthumele amalungu asehhovisi lakhe ukuba ahlanganyele namaphoyisa akulezo ndawo ukuze bebe nemikhuleko yokucela uNkulunkulu ukuthi angenelele ekuciphiseni izingozi emgwaqeni.

Kulabo abebe hlanganyele kulo mkhuleko kubalwa Umphasisteshi wase-Scottsburgh uColonel Ralph Ruiters, umphathisteshi wase-Park Rynie Road Traffic Inspectorate uMnuz Inggs, uMnuz Bhengu we-Scottburgh SAPS Social Crime Prevention, uSihlalo we-Scottburgh Community Policing Forum (CPF) uNksz Khanyisile Khumalo, uSayitsheni Christopher Mahlawe, uConstable Isaac Zondi be-Ugu Cluster Men for Change Forum.

Onke lama lungu ahlanganyele emgwaqeni owuthelawayeka u-N2 ngase Sezela, behlanganyele namalungu omphakathi, beholwa abefundisi uMnuz Philimon Shozi noMnuz Mthwana. UColonel Ruiters uthe ubonga bonke aba bambe iqhaza ekwenzeni lomkhuleko ube yimphumelelo.

Uthe impela izingozi sezibhebhetheke kahulu kanti nezimpilo zabantu ziphelela emigwaqweni.

UMnuz Inggs uthe bazoqhubeka njalo ukubambisana namaphoyisa ukuxwayisa abashayeli nemiphakathi ngemithetho yomgwaqo.

“Abashayeli nalabo abasebenzisa imigwaqo kumele bahloniphe imithetho yomgwaqo ukuze baphephe.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 6610 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 1942 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 7948 votes
Vote
USD/ZAR
14.61
(0.0)
GBP/ZAR
20.02
(0.0)
EUR/ZAR
17.37
(0.0)
AUD/ZAR
11.13
(0.0)
JPY/ZAR
0.13
(0.0)
Gold
1,743.98
(0.0)
Silver
25.25
(0.0)
Platinum
1,204.50
(0.0)
Brent Crude
62.95
(-0.4)
Palladium
2,641.93
(0.0)
All Share
67,191
(+0.2)
Top 40
61,459
(+0.3)
Financial 15
12,123
(+0.8)
Industrial 25
87,544
(+0.1)
Resource 10
68,608
(+0.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo