South Coast Fever

Babonge banconcoza kwaMasinenge kuvulwa izindlu

izithombe: precious Gumede Ungqongqoshe uRavi Pillay (ophethe isikelo) nosekela meya uJonnie De Wet bevula indlu kaZamekile Mpisi (kwesokunxele).
izithombe: precious Gumede Ungqongqoshe uRavi Pillay (ophethe isikelo) nosekela meya uJonnie De Wet bevula indlu kaZamekile Mpisi (kwesokunxele).

IZIHLATHI zivakashele iziqhomo kwaMasinenge ngesikhathi kutheleka ungqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu uMnu. Ravi Pillay ezovula izindlu ezintsha.

Abahlali ababalewa kumashumi amabili nesithupha banikezwe okhiye bezindlu zabo ngoLwesine.

Loluhlelo lwezindlu lubhekele ukuthi luqede imikhukhu kwaMasinenge.

UPillay uthe loluhlelo luqhubeka ezindaweni eziningi esifundazweni KwaZulu-Natali yonkana. Uthe umsebenzi wakhe awukho lula kepha kuyamthokozisa uma ejabulisa abahlali.

Uqhubeke wathi ukwakhiwa kwalezindlu zomxhasho kunomthelela omkhulu kwezokuvakasha.

“Imikhukhu ayibukeki kakhulukazi ezivakashini ezivakashela indawo yethu, ingakho sithi asiyiqede imikhukhu ukuze siveze ubuhle bendawo yethu,” kusho uPillay.

UNqonqoshe akavulanga zonke izindlu khepha ukhethe umuntu oyedwa akhombise ngaye ukuthi lezindlu zinjani.

UZamekile Mpisi unikezwe ukhiye wakhe kanye negilosa. UMpisi uthe uphelelwe amagama, wafika kwaMasinenge eminyakeni emihlanu edlule ehlala emjondolo kepha namhlanje uzolala endlini yakhe entsha ebiza igama lakhe.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu lokhu kuwushintsho olukulo empilweni yami. Ngithanda ukubonga kakhulu kumasipala wethu iHibiscus nakuyena ungqongqoshe,” kusho uMpisi.

Nabanye abahlali nabo bebegiya bethi uhulumeni uyasebenza bayawubona umsebenzi wakhe.

Abahlali ibona abazozinakekela izindlu zabo kusukela maje.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
4% - 1436 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
14% - 5633 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
83% - 33912 votes
Vote
Rand - Dollar
13.98
+0.9%
Rand - Pound
19.84
+0.5%
Rand - Euro
17.09
+0.3%
Rand - Aus dollar
10.91
+0.4%
Rand - Yen
0.13
+0.6%
Gold
1,868.37
+0.1%
Silver
28.25
+0.2%
Palladium
2,910.16
+0.3%
Platinum
1,223.50
-1.7%
Brent Crude
69.46
+1.1%
Top 40
61,190
-0.0%
All Share
67,255
+0.1%
Resource 10
70,784
+0.2%
Industrial 25
83,774
-0.3%
Financial 15
12,689
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo