Esexwayiso ngemikhonyovu edolobheni.

AMAPHOYISA asekhiphe isexwayiso emphakathini ukuba uqaphele uma ukhipha imali emabange.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Zandra Wiid uthe sekube khona imibiko eminingi lapho abantu bentshontshelwa izimali zabo abazisebenzele unyaka wonke.

UWiid uthe kwesinye isigameko kuqhamuka ugalakajana akuthembise ukuthi uma umnika imali yakho uzokubuyisela seyiphindwe kabili. Kuthiwa labantu bathi faka imali yakho emvilophini, uma usumnikile anyamalale nemali yakho.

“Enye yezindlela lezinswelaboya ezenza ngayo ukuthi zikusukele nje umuntu azenze uhlobo lomuntu oboniswayo noma oyinyanga, athi udinga ukugezwa amabhadi athi mnike imali engaka ukuze akusize,” kusho uWiid.

Amaphoyisa athe ayawunxusa umphakathi ukuthi uqaphele ungathembi noma ubani.

UWiid uthe okunye okumele kuqashelwe ukuphucwa kwezikhwama. Uthe abantu abayeke ukuhamba bekhuluma namafoni ngoba ilapho izigebengu zithola ithuba lokuhlwitha isikhwama ngesikhathi unganakile.

“Okunye ukuphathwa kwezincwadi ezibalulekile ezinezimfihlo zakho esikwameni singekho isidingo kumele lokhu abantu bakugweme,” kusho uWiid.

Abezitokofela nabo badonswa izindlebe ngokuphatha isamba semali uzohamba ngezinyawo edolobheni. UWiid uthe okungcono abezitokofela abavule amakhadi asebhangi ukugwema ukuphatha imali enkulu.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 4196 votes
Yes, but social media is part of the new reality
46% - 3902 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 423 votes
Vote
USD/ZAR
14.05
0.0%
GBP/ZAR
19.67
0.0%
EUR/ZAR
17.10
0.0%
AUD/ZAR
11.03
0.0%
JPY/ZAR
0.13
0.0%
Gold
1,831.32
0.0%
Silver
27.45
0.0%
Palladium
2,929.64
0.0%
Platinum
1,256.50
0.0%
Brent Crude
68.28
+0.3%
Top 40
62,573
+1.4%
All Share
68,520
+1.4%
Resource 10
71,474
+2.1%
Industrial 25
86,856
+0.9%
Financial 15
12,711
+1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo