Ingxoxo noMshedis ngoHugh Masekela

UMSHEDIS kulelisonto usixoxela ngengqalabutho kwezomculo weAfrican Jazz uHugh Rampolo Masekela.

UMshedis uthi uMasekela wazalwa ngomhlaka 4 kuMbasa (April) ngonyaka we1939, ezalelwa endaweni yaseWitbank.

Ungumdlali we-trumpet aphinde acule ngephimbo lakhe kanti enjalo nje ungumqambi aphinde azibhalele izingoma zakhe. I-trumpet yakhe yokuqala wayiphiwa isishoshovu somzabalazo uBhishobi Trevor Huddledston owayengumfundisi eSt Peters Secondary.

UHuddleston wacela umholi weJohannesburg Native Municipal Brass Band uUncle Sauda ukuthi aqeqeshe uHugh Masekela ekudlaleni itrumpet.

Lokho kwaholela uHugh ukuthi kube wuye odlala phambili eqenjini likaBhishobi elalibizwa ngokuthi iHuddleston Jazz Band.

Ngonyaka we-1956 uMasekela wangena kwiqembu elalibizwa ngokuthi yiAlfred Herbet’s African Jazz Revue. Ukusukela lapho ikhono lakhe lakhula kakhulu iNingizimu Afrika yonkana.

Ngenxa kahulumeni wobandlululo owawubusa kuleyominyaka, uMasekela wayedlulisa umyalezo womzabalazo ngawo umculo.

Umculo wakhe wawugcwele usizi nokuhlusha komuntu omnyama, umuntu omnyama engabalulekile ethathwa njengento engeyilutho ephila impilo yobugqila.

Akazange abe nokubekezela ukuhlala kulelizwe­, kwaphoqa ukuthi aye ekudingisweni esizwa uBhishobhi Huddleston nabanye abango­ Yehud, Menun kanye noJohn Dankworth, ukuze athathwe esikoleni somculo esasise London, iGuidhall School of Music.

Emva kwalokho wavakashela eMelika lapho ahlangana noHarrry Belafonte wabe eseqhubekela nezifundo zakhe zomculo eManhattan School of Music eNew York.

Ngonyaka we-1964 washada noMirriam Makeba, lowomshado wathatha iminyaka emibili kuphela.

Kuningi okungashiwo ngalomculi kodwa okubalulekuile ngaye umculo wakhe onomyalezo­ ongapheli noyisifundo kubantu belelilizwe.

Unendondo yeGrammy kanti futhi wahlonishwa inyuvesi yaseRhodes ngeziqu zobudokotela, wahlonishwa ngeOrder of Ikhamanga ngumongameli uJacob Zuma. Kuningi nokunye ahlonishwa ngakho.

Ngalokho ke sithi phambili Bra Hugh.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7905 votes
It's four more years for Trump
53% - 9069 votes
Vote
ZAR/USD
16.28
(-0.44)
ZAR/GBP
21.17
(-0.05)
ZAR/EUR
19.27
(-0.29)
ZAR/AUD
11.57
(-0.09)
ZAR/JPY
0.16
(-0.18)
Gold
1897.80
(-0.02)
Silver
24.17
(-1.09)
Platinum
882.00
(-1.45)
Brent Crude
41.25
(0.00)
Palladium
2357.22
(-0.42)
All Share
55201.75
(-0.25)
Top 40
50544.82
(-0.29)
Financial 15
10734.67
(-0.52)
Industrial 25
74662.93
(-0.32)
Resource 10
52483.98
(-0.15)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo