Isexwayiso: Bangase baboshwe o-admin bakaWhatsApp eMzansi

LABO abango-admin bama-group kaWhatsApp eNingizimu Afrika bangase babhekane nejele ngezinto ezehlisa isithunzi ezibhalwa kulama-group. Lokhu kungemuva kokuboshwa komunye obengumlawuli (administrator) ye-group e-India ngesonto eledlule.

UWhatsApp usanda kuba sematheni ngemuva kokuthi kuboshwe u-administrator we-group yayo ngenxa yesithombe esehlisa isithunzi sikaNdunankulu waseNdiya, uNarendra Modi, nesadluliswa elinye ilungu le-group, ngokombiko weHindustan Times ngoMeyi.

Leli cala seliqubule enkulu inkulumompikiswano eNingizimu Afrika mayelana nokuthi labo abango-admin baWhatsApp bangajeziswa ngezinto ezehlisa isithunzi ezifakwa khona noma ngabe azifakwanga uyena qobo lo ongu-admin we-group.

Akukacaci noma izinkantolo zaseNingizimu Afrika zizohamba esinyathelweni esifanayo yini nesale nkantolo yase-India, ngokuchaza kukaSimon Colman, oyi-Executive Head of Digital Distribution eStalker Hutchison Admiral, nokuyinkampani engaphansi kukaSantam. “Kodwa-ke izinkantolo zakuleli maningi amathuba okuthelelwa okwenzeka emhlabeni mayelana nokujeziswa ezinkundleni zokuxhumana,” etshela iFin24.

Izinkampani zemishwalense eNingizimu Afrika seziqalile ukusebenzisa imigomo yezinkundla zokuxhumana, kusho uColman.

Uthi sekube nokunyuka kwamacala okwehlisa isithunzi , ikakhulukazi kuFacebook eNingizimu Afrika.

UColman uxwayise ngokuthi amanye ama-group aWhatsApp asemakhulu ngale ndlela yokuthi agcina eselahlekelwa ukuba yinto yangasese kwawo bese egcina eseyinkundla yomphakathi. Ngalokho, abantu bangajeziswa ngokuphawula kwabo.

- Finance24

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6211 votes
It's four more years for Trump
54% - 7298 votes
Vote
ZAR/USD
16.39
(-0.39)
ZAR/GBP
21.52
(-0.35)
ZAR/EUR
19.41
(-0.27)
ZAR/AUD
11.62
(-0.12)
ZAR/JPY
0.16
(-0.32)
Gold
1913.52
(-0.41)
Silver
24.78
(-0.63)
Platinum
885.01
(+0.21)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2398.00
(+1.07)
All Share
55345.49
(+0.13)
Top 40
50905.12
(+0.11)
Financial 15
10138.60
(+1.83)
Industrial 25
74577.70
(-1.31)
Resource 10
54447.94
(+1.23)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo