
KUKHANGISWE inqephu eyakhiwe ngemfucuza evuselelwe kabusha endaweni yaKwaNzimakwe ehholo iMsenti Cultural Group Centre kwi-Recycled Material Fashion Show. Umsunguli womcimbi uMpilo M, uthe inhloso yalo mcimbi ozoba minyaka yonke ukufundisa abafundi nezikole ngokuvuselela imfucuze nokubaluleka kokunakekela imvelo ngokuqoqa udoti.
Uthe: “Lomcimbi ubungenelwe izikole ezine ezingaphansi kukaMasipala iRay Nkonyeni Municipality. Isikole ngasinye kubalwa iNkoneni Primary, iThongasi Primary, iNtabeni Primary neMbambi High School yakhe ingqephu yabesifazane neyabesilisa. Isikole esiphume phambili kube iThongasi Primary kwathi Imbambi High School njengoba bekuyi yona yodwa eyamabanga aphezulu yaklonyeliswa njenge Face of Recycled Material Fashion Show,” kusho uMpilo M.
Uthe uyethemba ukuthi lo mcimbi uzoqhubeka nangonyaka ozayo nezinye izikole zizowu ngenela.