Siyabonga sizwe sakithi

  Photo:
Photo:

NGITHANDA ukudlulisa egameni loMkhandlu waseMzumbe amazwi okubonga okukhulu ngokwesekwa esakuthola emva kwesehlakalo esathusa lonke izwe esenzeka kwa Mncwabe eMabheleni kwa ward 12 waseMzumbe. Lesisehlo sasukumisa wonke umuntu osizwile wema ngezinyawo emazingeni wonke kaHulumeni kanye nomphakathi.

Thina njengoMasipala esafika kuqala sabe sesimemeza kwasukuma wonke umuntu okubalwa i-South African Police Service eholwa uGeneral Thembi Ndlovu. Loko kwaholela ekutheni abenzi bokubi babanjwe ngokukhulu ukushesha. Sibonga umphakathi wendawo owawumi nomndeni ngesikhathi usabhekene nalobu bunzima. Okwagqama kakhulu kuko konke loku ukuthi akukho okudlula ukubambisana nokusebenzisana uma ningumphakathi nakhile endaweni.

Sabe sesithintwa osomabhizinisi abazimele ikakhulukazi abasebenza ngokungcwaba okubalwa Thenjwayo Funeral Parlour, Ulwazi Funeral Parlour, Light House Funerals, Induduzo Funeral Parlour Kanye no AVBOB. Bathwala zonke izindleko ezibhekene nokufihlwa ngesizotha kwamalunga omndeni. Ibona abasukuma bama ngezinyawo ukuthi bayafisa ukwelekelela kulomsebenzi. Kwabe sekusukuma futhi Laleka Service Station (Shell Garage in Port Shepstone), LSC Motors, SUZUKI South Coast, South Coast Volkswagen Kanye no Audi Port Shepstone. Sishayela ihlombe kakhulu uBargain Wholesalers (Marburg) ngokuxhasa ngokudla ukuze sikwazi ukubhekelela labo ababesemngcwabeni ukubamba umoya.

Iminyango kahulumeni yonke kanye noMasipala okubalwa Ugu District Municipality oholwa uCllr Ntombifikile Gumede ababehamba kanye nathi yonke indlela, Hibiscust Coast Municipality oholwa uCllr Cynthia Mqwebu owadlala enkulu indawo ukuqinisekiseni ukuthi akukho okushodayo kulomsebenzi, uMnyango wezeMpilo okwaze kwafika noNgqongqoshe Dr Sibongiseni Dlomo ukuzozibonela indawo lapho kwenzeke khona lomshophi aphinde aduduze amalunga omndeni. Umnyango wezeNhlalakahle nabasebenzi bakhona beholwa uNgqongqoshe Weziwe Thusi owazifikela mathupha ngokujutshwa uNdunankulu wesifundazwe uMnu Senzo Mnchunu ukuzobona indawo yesehlakalo. Abasebenzi baleminyango yomibili baqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle nako konke okudingwa imindeni bayakuthola. Sibonge umphakathi wakuleya ndawo ngokusukumela phezulu uma kuvela lesidumo nangokweseka umndeni ngokuba seduze. Kuyobaluleka ukuthi umphakathi ngokubambisana nohulumeni ube nezingxoxo ezizokwenza ukuthi uhlale ngokuthula njalo.

Sikhuleke kakhulu ebuholini bendabuko ikakhulukazi Inkosi yesizwe saseMabheleni eyagijima kakhulu ukuyozibonela lo mshophi nokukhuza abantu besizwe sakhe ukuthi bahlalisane ngokuthula. Amakhosi wonke akade eloku eyingxenye yokulekelela ukulungisa isimo kuleyandawo. Sibonge uFata Cele wesonto lase St Patricks kanye namalunga esonto wonke asingathe ngesikhulu isizotha nesinono wonke lomcimbi kusukela kwehla lo mshophi.

Sibonge kubasebenzi bethu kuMasipala waseMzumbe beholwa uMphathi kaMasipala uNokuthula Mgijima ngokuzikhandla beqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngokuhlela nokufisa komndeni.

Okwagqama kakhulu kuko konke loku ukuthi akukho
okudlula ukubambisana
nokusebenzisana uma ningumphakathi nakhile endaweni.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 6182 votes
Yes, but social media is part of the new reality
45% - 5662 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 658 votes
Vote
Rand - Dollar
14.08
+0.4%
Rand - Pound
19.77
+0.4%
Rand - Euro
17.02
+0.2%
Rand - Aus dollar
10.89
+0.3%
Rand - Yen
0.13
+0.2%
Gold
1,826.57
+0.6%
Silver
27.04
+0.2%
Palladium
2,883.96
+0.8%
Platinum
1,210.07
-0.3%
Brent Crude
69.32
+1.1%
Top 40
60,211
-2.1%
All Share
66,169
-1.9%
Resource 10
69,474
-3.1%
Industrial 25
82,513
-1.5%
Financial 15
12,499
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo