Umphakathi waKwaNzimakwe ubungaze nezikhulu i-World AIDS Day

AMALUNGU omphakathi waKwaNzimakwe, yiSekela likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe wezeMpilo kazwelonke uMnuz Aaron Motsoaledi noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu bahlanganyele emcimbini wokukuqwashisa abantu ngesifo sengculazi phecelezi i-World Aids Day event eNzimakwe Tribal Court ngoMhla ka-1 kuZibandlela (December).

Kube nezingxoxo ezahlukahlukene ngokubhebhetha kwasifo sesandulela ngculazi lapho uMfu Mkhize eveze ukuthi utshwala bunomthelela omkhulu ekubhebhethisekeni kwalesi sifo.

Uthe: “Iningi lentsha lizithola linalesi sifo ngoba ligxile kakhulu otshwaleni. Intsha iyazi ukuthi i-condom iyalekelela ekuvikeni ukutheleleka ngalesi sifo kodwa uma isiphuze kakhulu utshwala iyakhohlwa ukusebenzisa ama-condom noma umqondo usuke usudidekile bese bengasiboni isidingo sama-condom,” kusho uMfu Mkhize.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu neSekela likaMengamali uMnuz Cyril Ramaphosa baseke uMfu Mkhize bathi lokho kuyiqiniso.

UMnuz Cyril Ramaphosa uthe esikhathini esiningi isibalo sabantu besifazane abasebasha abanesifo sesandulela ngculazi siphezulu. Uthe: “Sekutholakale ukuthi intsha yesifazane iyona enalesi sifo ngaphezu kwabesilisa. Kungenzeka ukuthi isizathu esidala lokhu ukuthi iningi lamantombazane aya oncansini namadoda amadala phecelezi ‘oSugar Daddy’. Iningi lalabo Sugar Daddy bathelela lama ntombazane. Okunye okudala ukuthelelana ukuphuza tshwala ngokweqile nokuthi labo Sugar Daddy babenzela yonke into abayifunayo kubalwa ukucwala izinwele, izinzipho, bathenge izingubo zokugqoka, ukudla, babakhokhele nemali kamastende,”kusho uMnuz Ramaphosa.

Uqhube wathi okubuhlungu ukuthi lamantombazane athola lesi sifo esamancane bese ekhula naso, uma sekufike isikhathi sokuthi athandane nontanga yawo awalisho iqiniso ngesimo sempilo yawo, bese lokho kudala ukuthi kutheleleke uphathina wawo.

Ugcizelele ukuthi abantu kumele bazi ngesimo sempilo yabo (status), ukuze bezozinakekela. Kulabo abangakabi naso lesi sifo kumele baqinisekise ukuthi baziphatha kahle.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5406 votes
It's four more years for Trump
54% - 6421 votes
Vote
ZAR/USD
16.46
(+0.27)
ZAR/GBP
21.31
(+0.34)
ZAR/EUR
19.46
(-0.15)
ZAR/AUD
11.61
(+0.31)
ZAR/JPY
0.16
(+0.33)
Gold
1909.72
(+0.38)
Silver
24.73
(+5.77)
Platinum
875.00
(+2.51)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2406.00
(+3.24)
All Share
55271.75
(+0.20)
Top 40
50851.62
(+0.22)
Financial 15
9956.35
(-0.22)
Industrial 25
75567.07
(+1.08)
Resource 10
53788.16
(-0.63)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo