Akuxoshwe umqondisi wezeMfundo eLembeni – ANCYL, KwaDukuza Akuxoshwe umqondisi - Greater KwaDukuza ANCYL

Uphiko lwentsha lwe-ANC esifundeni i-Greater KwaDukuza lufuna uMnyango wezeMfundo uxoshe umqondisi walo mnyango esifundeni iLembe uNkk. Thembi Vilakazi ngenxa yokwehla kwezinga lokuphasa kwabafundi bakumatikuletsheni kusukela ngonyaka ka-2014 kuze kube ofile.    Isithombe: Makhosandile Zulu
Uphiko lwentsha lwe-ANC esifundeni i-Greater KwaDukuza lufuna uMnyango wezeMfundo uxoshe umqondisi walo mnyango esifundeni iLembe uNkk. Thembi Vilakazi ngenxa yokwehla kwezinga lokuphasa kwabafundi bakumatikuletsheni kusukela ngonyaka ka-2014 kuze kube ofile. Isithombe: Makhosandile Zulu

UPHIKO lwentsha lwe-ANC esifundeni i-Greater KwaDukuza lube nesithangami sabezindaba ngoMsombuluko, ngomhla ka-22 kuMasingana (January), lapho lwethule khona isitatimende ngezindaba ezahlukene ezithinta ezemfundo, ezolimo kanye nokuhlalisana kwabantu esifundeni iLembe.

Lolu phiko lucele ukuba uMnyango wezeMfundo uxoshe umqondisi walo mnyango esifundeni iLembe uNkk. Thembi Vilakazi. Luphinde lwakhuluma ngamathuba akhona nangeqhaza elingadlalwa abantu abasha bakulesifunda kumkhakha wezolimo. Luqhube ngokuqwashisa abafundi abadinga usizo lwezimali ukuze bezoqhubeza izifundo zabo kwimfundo emphakeme ngokuthi bexhumane namahhovisi abantu abasha atholakala ezindaweni ezahlukene kulesifunda. Luphethe ngezwi lokuphendula inhlangano yabahlali nabakhokhintela baseBlythedale Beach, phecelezi i-BBRRA.

Ngosuku lokuqala lokufunda ezikoleni, ngomhla ka-11 kuMasingana, lolu phiko lwaba nombhikisho emahhovisi oMnyango wezeMfundo esifundeni iLembe lufuna ukuba umqondisi walo mnyango eLembeni axoshwe esikhundleni sakhe ngenxa yokungenzi kahle kwabafundi bakumatikuletsheni. Kusukela ngonyaka ka-2014 izinga lokuphasa kwabafundi bakumatikuletsheni liyehla ngendlela edumazayo kulesifunda.

Umbhikisho walolu phiko waphetha ngokuthi ubuholi balolu phiko bunikeze owayemele uMnyango wezeMfundo uhlu lwezimfuno.

UNobhala walolu phiko esifundeni i-Greater KwaDukuza, uMnu. Musa Zondi uthe: “I-ANCYL ikulindele ukukhuluma ulimi uMnyango wezeMfundo ozoluqonda njengoba isicelo sethu sesasidlulisela emnyangweni.”

Uqhube wathi umnyango kumele uthathe isinqumo sokuthi ubani obaluleke kakhulu phakathi kwabafundi bakulesifunda kanye nomqondisi uNkk. Vilakazi. Uthe lolu phiko luhlele ukuhlangana nabalimi bendawo ukuze bezoxoxisana ngamathuba avuleleke abantu abasha bakulesifunda emkhakheni wezolimo. Uthe lolu phiko lufisa ukuba abalimi nabantu abasha abafisa ukungena kwezolimo besebenze ngokubambisana.

Uthe: “Sifuna abantu abasha bebambe iqhaza kwezomnotho, ikakhulukazi kwezolimo kulesifunda,” kusho uMnu. Zondi.

Uqhube wathi lolu phiko luyakholelwa ekutheni abalimi abasebancane kumele benikezwe ithuba lokuthi bebambe iqhaza kwezomnotho ukuze kuzokwehla izinga lokungalingani kwabantu ngokwezomnotho, kuphinde kwehle ukuntuleka kwemisebenzi kanye nobubha kulesifunda.

Uthe lo mhlangano nabalimi bendawo ungenye yezindlela lolu phiko oluzama ngayo ukuba lunxuse osomabhizinisi ukuba bedlale indima ekuhlonyisweni kwabantu abasha bakulesifunda.

UMnu. Zondi uthe iyamangaza indlela i-BBRRA ebeke ngayo inkulumo yayo ethinta abavakashele ulwandle ukuyozithokozisa ngesikhathi samaholide kanye nempendulo yale nhlangano mayelana nombono walolu phiko othi izindawo zokubhukuda KwaDukuza kumele zishintshwe amagama ezibizwa ngawo.

Uthe: “Lokhu okushiwo i-BBRRA kubhekiswe kubantu abasha bendlu emnyama kanti futhi kuveza inzondo le nhlangano enayo ebhekiswe kwindlu emnyama. Kumele izindawo zokubhukuda KwaDukuza ziqanjwe ngama gama abonakalisa ukuthi yiluphi uhlanga lwabantu oluningi kulesifunda,” kusho yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 271 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 486 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 1311 votes
Vote
ZAR/USD
15.26
(-0.11)
ZAR/GBP
20.47
(-0.12)
ZAR/EUR
18.43
(-0.18)
ZAR/AUD
11.26
(-0.10)
ZAR/JPY
0.15
(-0.05)
Gold
1810.85
(+0.03)
Silver
23.72
(-0.28)
Platinum
989.00
(-0.40)
Brent Crude
47.23
(-0.96)
Palladium
2391.00
(+0.29)
All Share
57509.72
(+0.73)
Top 40
52764.09
(+0.74)
Financial 15
11238.33
(+0.71)
Industrial 25
79067.55
(+0.13)
Resource 10
53562.00
(+1.63)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo