Inhlangano icela uxhaso

INHLANGANO ebizwa ngokuthi iSikhulile Community Development, okuyinhlangano eyasungulwa ngenhloso yokulekelela umphakathi waKwaDukuza ngokunciphisa udoti, eholwa uMnuz Sibusiso Ngubane, inxusa amalungu omphakathi, osomabhizinisi nezinhlangano eza hlukahlukene ukuba bayilekelele njengoba ihlele ukuba nomcimbi wezingane eziyintandane neziphuma emakhaya ahlwempu.

UMnuz Ngubane uthe lo mcimbi uhlelelwe izingane ezineminyaka esuka kwemihlanu (5) kuya kweyishumi nambili (12).

Uthe: “Lo mcimbi uzoba ngomhlaka 19 kuZibandlela (December) ehholo lo mphakathi, eShakaville, ngasehhovisi. Sicela umphakathi usilekelele ngokunikela izingubo, izinto zokudlala kanye na noma yini umuntu angakwazi ukunikela ngakho,” kusho yena.

Uqhube wathi inhlangano icela nezaguga zaseNdiya ukuthi zilekelele ngokupheka ukudla kwangalelo langa.

Uthe: “Abantu abafisa ukusilekelela ukuthi lo mcimbi ube yimpumelelo bengaxhumana nami enombolweni ethi 084 594 7971. Nabafisa ukuletha abantwana kulo mcimbi bengathinta yona le nombolo,” kusho yena.

Uqhube wathi inhlangano icela nabantu abangalekelela ngokuhlobisa indawo yomcimbi.

Uthe: “Ngicela senze umehluko ezimpilweni zabantwana abantulayo ngokubambisana. Izingane ezingaphansi kweminyaka eyishumi ngicela ziphelezelwe abazali bazo ngelanga lo mcimbi. Ngicela nabantu abangakwazi ukunikela ngesikhathi sabo ukuzo khuthaza abaholi bakusasa, kanye nabazonandisa ngomculo,” kusho yena.

Uqhube ngokubonga abantu asebethembisile ukuthi bazonikela ngabanakho.

Uthe akudingeki imali noma izimpahla kuphela ngoba inhloso yomcimbi ukwenzela izingane usuku olumnandi futhi zithole nokukhuthazeka zibone ukuthi zibaluleke kangakanani emphakathini.

Uthe umphakathi awukhumbule ukuthi umuntu ungumuntu ngabantu yingakho kubalulekile ukuthi umphakathi ubambisane ungalindi ukwenzelwa uhulumeni izinto kodwa ufunde ukuzenzela. Unxuse nalabo abaqede umatikuletsheni ukuthi belekelele ngokunikela ngomfaniswano (ama-uniforms).

Uthe: “Sizimisele ukuthi silwisane nobubha. Sizocela ukuthi labo abaqede umatikuletsheni besinikeze umfaniswano osagqokeka ukuze sizonikeza abantwana abaswele ngonyaka ozayo,” kusho yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
18% - 387 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
69% - 1481 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
13% - 270 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
-0.0%
Rand - Pound
19.92
-0.0%
Rand - Euro
17.16
-0.0%
Rand - Aus dollar
11.00
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Gold
1,843.76
0.0%
Silver
27.42
0.0%
Palladium
2,894.50
0.0%
Platinum
1,229.50
0.0%
Brent Crude
68.71
+2.5%
Top 40
60,573
+0.6%
All Share
66,598
+0.7%
Resource 10
69,386
-0.1%
Industrial 25
83,277
+0.9%
Financial 15
12,685
+1.5%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo