
ISIBHEDLELA saseStanger sibambisane nenhlangano ezimele i-Maximum out Put (MOP) Institute sethule uhlelo lokulekelela ikhaya lezingane ezikhubazekile neziphethwe yizifo ezibucayi i-Masibathande Care Centre.
Umsunguli wale nhlangano ebibambisane nesibhedlela uDokotela Mhlanga uthe yena nenkosikazi yakhe baqala le nhlangano ngenhloso yokuthuthukisa abantu abasha ukuze bezokhula bebe ngabaholi bezwe.
Uqhube wathi leli khaya lezingane la qalwa nguNkk Nzungane ngonyaka ka-2011.
Uthe: “Ezinye izingane ezinakekelwa kuleli khaya zazilahlwe abazali bazo ngoba bengakwazi ukuzi nakekela ngendlela efanele. Kodwa ezinye zazo lezizingane zalethwa yibo abazali bazo kuNkk Nzungane ngoba bedinga usizo ngokuzi nakekela ngokufanelekile. UNkk Nzungane usebenzisa ikhaya lakhe ukuze ezokwazi ukuhlala aphinde anakekele lezizingane,” kush uDokotela Mhlanga.
Uthe uNkk Nzungane usebenzisa imali yakhe ukuze ezokwazi ukunakekela lezizingane kanti uphinde alekelelwe yimali yesibonelelo eholwa yizo izingane.
Uthe: “Kwayona le mali yesibonelelo ayanele ukuthi ingakhokhela zonke izidingo uNkk Nzungane okumele abhekane nazo. Ikhaya lakhe beseliqala ukuguga yingakho siyinhlangano sibambisane nesibhedlela ukuthi siyolekelela uNkk Nzungane,” kush uDokotela.
Uqhube wathi balekelele ngokuthi bapende izindonga zaleli khaya baphinde balungisa iminyango ebiphukile kanti futhi banikele ngezimpahla kanye nokudla.
UDokotela Mhlanga uthe: “Sinikele ngemali engu-R14 000 kanti izimpahla nokudla okunikeliwe bekubiza imali engu-R8000,” kusho yena.
Uma kukhona udaba othanda silushicelele kwi-Stanger Weekly sithumele lona kwi-email ethi: makhosandile.zulu@media24.com