Kugwetshwe ubabekazi  odlwengule umshana wakhe

OWESIFAZANE, oneminyaka engu-44, ugwetshwe iminyaka engu-15 ngokudlwengula umshana wakhe.

INkantolo yesifunda yakwaMaphumulo igwebe ubabekazi ngoLwesibili oledlule, ngomhlaka 24 kuLwezi (November).

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe, uMajor Thulani Zwane uthe umfana, oneminyaka engu-13, waba isisulu sokudlwengulwa ngonyaka odlule enyangeni uZibandlela (December).

Uqhube wathi ngomhlaka 20 kuZibandlela ngonyaka ka-2014, umsolwa wayekade evakashele umndeni kamshana wakhe.

Uthe: “Kwathi sekuhlwile ubabekazi wacela ukuthi umshana wakhe amuphelezele ekhaya lakhe. Umfana akubuyanga kubo ngalelo langa kodwa wabuya ngelanga elilandelayo ekhala ethi ubabekazi wakhe umdlwengulile,” kusho uMajor Zwane.

Uqhube wathi icala lokudlwengula lavulwa emaphoyiseni akwaMaphumulo.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazwe, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni usamukele lesi sigwebo.

Uthe: “Kuyadumaza ukuthi umuntu okumele engabe unakekela le ngane yomfana uyena oyihlukumezayo,” kusho uNkk Ngobeni.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4640 votes
It's four more years for Trump
54% - 5509 votes
Vote
ZAR/USD
16.47
(+0.18)
ZAR/GBP
21.41
(-0.30)
ZAR/EUR
19.42
(-0.37)
ZAR/AUD
11.68
(+0.31)
ZAR/JPY
0.16
(+0.23)
Gold
1908.00
(+0.42)
Silver
24.57
(+1.60)
Platinum
860.00
(-0.29)
Brent Crude
43.06
(0.00)
Palladium
2337.50
(+0.72)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo