Kukhuthazwe abafundi bakumatikuletsheni

x Isithombe: Sithunyelwe
x Isithombe: Sithunyelwe

INHLANGANO ezimele, Izwi Lothando Home and Community-based Services, ivakashele i-Groutville High School kanye neTshelenkosi High School ngoLwesine oledlule, ngomhla ka-26 kuMasingana (January), ukuyokhuthaza abafundi bakumatikuletsheni ukuba besebenze ngokuzikhandla uma befisa ukuthola imiphumela emihle ekupheleni konyaka.

Usihlalo wale nhlangano, uMnu. Phila Zulu uthe: “Umfundi owenze kahle kunabobonke abafundi esifundazweni saKwaZulu-Natal ngonyaka ofile, uSvikelo Nkosi ophuma esifundeni i-King Cetshwayo, utshele abafundi bakumatikuletsheni ngokubaluleka kokufika ngesikhathi esikoleni, wabatshela nokuthi kumele befunde bezimisele kusaqala unyaka, behloniphe futhi belalele othisha,” kusho yena.

UMnu. Zulu uqhube wathi uSvikelo uphinde waxwayisa abafundi ngabangani abangalungile abangabaholela ekutheni begcine bewele kwizidakamizwa nasezintweni ezingaphazamisa ukufunda kwabo.

Uthe: “USvikelo uphinde wathembisa abafundi bakumatikuletsheni bakulezi zikole ukuthi uzofika ezobasiza kwezinye izifundo uma esevalile esikoleni ngesikhathi samaholide, ikakhulukazi kwi-Maths kanye ne-Science,” kusho uMnu. Zulu.

Uqhube wathi uSvikelo akagcinanga ngokuthi akhuthaze abafundi bakumatikuletsheni kuphela njengoba baphinde bavakashela eMbozama Primary School lapho abanikele ngezicathulo zesikole kubafundi ababili abekade bengafundi ngenxa yokuthi abanazo izitifiketi zokuzalwa kanti abatholi nemali yesibonelelo sikahulumeni.

Uthe: “Njenge nhlangano sisazama ukuthola isixazululo kulolu daba ukuze lezi zingane zizokwazi ukuthola imali yesibonelelo sikahulumeni, sisebenzisana noMnyango wezaseKhaya, phecelezi i-Home Affairs, ukuze bezokwazi ukuthola izitifiketi zokuzalwa ukuze bezothola imali yesibonelelo bese beyakwazi ukuya esikoleni ukuze ekugcineni kuzo fezeka amaphupho abo okuba ngodokotela,” kusho usihlalo wale nhlangano.

Uthe labafundi nguNomthando Mthembu oneminyaka eyisishiyagalolunye (9) owenza u-grade 1 kanye noSanele Mthembu oneminyaka eyisikhombisa (7) naye owenza u-grade 1.

UMnu. Zulu uthe inhloso yenhlangano yakhe ukulekelela izingane ezihlala emindeni entulayo kanye nezingane eziyintandane ukuze zizo kwazi ukuthola imfundo efanelekile.

Uthe: “Sifisa ukuthi lezi zingane zigcine zikwazile ukuthola imfundo ephakeme ukuze zizofeza amaphupho azo. Njenge nhlangano sibukela kakhulu kubaholi abanjengo Dokotela Nelson Mandela ngoba yena wasifundisa ukuthi imfundo iyisikhali esinamandla esingasisebenzisa ukushintsha izwe,” kusho uMnu. Zulu.

Amalungu omphakathi afisa ukuxhasa lenhlangano benga xhumana noMnu. Zulu ku-082 515 1701.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 857 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1610 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 8757 votes
Vote
ZAR/USD
15.41
(+0.06)
ZAR/GBP
20.53
(-0.08)
ZAR/EUR
18.25
(+0.28)
ZAR/AUD
11.23
(+0.43)
ZAR/JPY
0.15
(+0.70)
Gold
1836.94
(-1.84)
Silver
23.57
(-2.48)
Platinum
926.76
(-1.62)
Brent Crude
45.19
(0.00)
Palladium
2343.00
(+1.45)
All Share
57147.31
(+0.94)
Top 40
52478.55
(+1.08)
Financial 15
11337.90
(+0.62)
Industrial 25
79917.53
(+1.49)
Resource 10
51771.17
(+0.65)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo