Kuyanda ukuhlangana kwezinhlanga eSundumbili

ISITHOMBE: SITHUNYELWE UMnuz. Herman noNkk Margret Koch abahlala eSundumbili bathi bazizwa bephephile futhi bekhululekile njengoba behlala elokishini endaweni engagcwele abantu abamhlophe njengabo.
ISITHOMBE: SITHUNYELWE UMnuz. Herman noNkk Margret Koch abahlala eSundumbili bathi bazizwa bephephile futhi bekhululekile njengoba behlala elokishini endaweni engagcwele abantu abamhlophe njengabo.

NGEMUVA kokusabalala kwezinkulumo ezicwasa abantu ngokwebala ezinkundleni zokuxhumana emasontweni adlule kube udaba oluletha injabulo ukuzwa ukuthi kuyakhula ukuxubana kwezinhlanga elokishini laseSundumbili.

Umndeni wabamhlophe wakwa Koch usuhlale eBhidla eSundumbili kusukela ngo 2015 enyangeni uLwezi (November).

Amalungu alo mndeni akubeke kwacaca ukuthi azizwa ephephile futhi ekhululekile ukuhlala emphakathini waseSundumbili.

UMnuz. Herman noNkk. Margret Koch bahlala nendodakazi yabo uNksz. Chante Koch, oneminyaka engu-21, emqashweni wakwa-Zulu, eBhidla.

UNkk Chante Koch wenza izifundo zokuthunga eSundumbili FET kanti uMnuz. Koch, oneminyaka engu-46 usebenza ebhusha laseKhwezi Supermarket.

Lo mndeni uveza isithombe esihle esizweni saseSouth Africa sokuthi abantu bezinhlanga ezahlukene bangahlalisana ndawonye.

Amalungu alo mndeni athe lokhu okushiwo uNkk Penny Sparrow ngabantu abamnyama ukuthi bayizinkawu kufana nokuhlanya.

UNkk Koch uthe umndeni wakhe uqale wahlala o-Ulundi izinyanga eziyisihlanu ngaphambi kokuthi uthuthele eSundumbili.

Uqhube wathi isizathu sokuthi bekhethe ukuhlala elokishini kungenxa yokuthi akubizi imali enkulu. Uthe abazimisele ngokusuka eSundumbili ngoba umphakathi wakhona ubaphatha kahle futhi abakaze behlangabezane nezinkinga.

Ekhuluma ngamazwi kaNkk Sparrow, uthe: “Ngokwami ngithi lokhu akushilo uNkk Sparrow akusilona iqiniso, futhi angeke ngize ngithi ngiyazwelana naye,” kusho uNkk Koch.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
19% - 561 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
67% - 1944 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
13% - 377 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
-0.0%
Rand - Pound
19.92
-0.0%
Rand - Euro
17.16
-0.0%
Rand - Aus dollar
11.00
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Gold
1,843.76
0.0%
Silver
27.42
0.0%
Palladium
2,894.50
0.0%
Platinum
1,229.50
0.0%
Brent Crude
68.71
+2.5%
Top 40
60,573
+0.6%
All Share
66,598
+0.7%
Resource 10
69,386
-0.1%
Industrial 25
83,277
+0.9%
Financial 15
12,685
+1.5%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo