
UMPHAKATHI waseWard 9 eMandeni uhlanganyele ehholo laseMacambini ngoLwesine oledlule, ngomhlaka 28 kuNtulikazi (July) ukuzo bungaza umcimbi wokwethulwa kuka gesi ozofakwa eNyathini, eNqofela kanye naseBambinkuzi, okuyizindawo zaseMacambini.
Ekhuluma ngalolu hlelo lokufakwa kuka gesi, uMeya waseMandeni uMnuz Siphesihle Zulu uthe ugesi uzofakelwa amakhaya angu-348.
Uthe: “Uhlelo lokufaka ugesi siluqale ngoba sibona ukuthi eMacambini naseNdulinde kukhona izindawo ezingenawo ugesi. Sibe sesixhumana no Eskom kanye noMnyango wezaMandla nezokuMbiwa ukuze bezolekelela ukuthi umphakathi uthole ugesi,” kusho uMnuz Zulu.
UMeya uqhube ngokwethula usonkontileka ozohlola lolu hlelo kanye noMnuz Philip Ngcobo ozohlonza amakhaya azohlomula kulolu hlelo.
Kulo mcimbi umphakathi wazisiwe ukuthi ukuhlonza kwamakhaya azohlomula kuzophethwa ngonyaka ozayo kuMasingana (January) kanti kulindeleke ukuthi uhlelo lokufaka ugesi luzothatha izinyanga eziyisihlanu.
Esephetha, uMeya uMnuz Zulu wexwayise amalungu omphakathi axhume ugesi ngokungemthetho ukuba ayeke ukwenza lokhu ngoba kuyingozi enkulu kulabo abahlala kulezo zindlu.