
ISIBHEDLELA saseStanger sethule uhlelo oluzolekelela abasebenzi bakhona abesilisa ngokuthi bekwazi ukubamba izinxoxo zokuthola izixazululo zezinkinga ababhekana nazo ezimpilweni zabo.
Okhulumela isibhedlela uNkk Pumla Mba uthe: “Sifisa ukuthi loluhlelo lwenze izimpilo zabasebenzi besilisa zibengcono kanti futhi luphinde lubasize ukuthi bebe ngobaba nabaholi bomphakathi abaqotho,” kusho yena.
Umfundisi Ngema ugqugquzele abasebenzi besilisa, wathi kumele bekwazi ukuzithoba.
Uthe: “Ukuba ngumuntu onamandla kusho ukuthi uyakwazi ukucela usizo kwabanye abantu ukuze uzokwazi ukuphila,” kusho uMfundisi Ngema.
Uqhube ngokubagqugquzela ukuthi bebe ngabaholi bemindeni yabo abaqotho futhi bedlale indima ebalulekile emphakathini abahlala kuyona.
Obevele kuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Mlungisi Ndlovu ukhulume ngokubaluleka kokuba nesithandwa esisodwa ngoba lokho kukhombisa ukuwuhlonipha umndeni.
Unxuse abantu besilisa ukuthi bengazi bandakanyi ezintweni ezibulala imndeni njengo kuthandana nezingane ezincane.
Uma kukhona udaba othanda silushicilele kwi-Stanger Weekly sithumele lona kwi-email ethi: makhosandile.zulu@media24.com