UMeya uvakashele abaphase ngamalengiso

Isithombe: Sithunyelwe UMeya woMkhandlu waseMandeni uMnu. Sphesihle Zulu uhalalisela umfundi uPerm Mthethwa ngokwenza kahle ezifundweni zakhe zebanga leshumi.
Isithombe: Sithunyelwe UMeya woMkhandlu waseMandeni uMnu. Sphesihle Zulu uhalalisela umfundi uPerm Mthethwa ngokwenza kahle ezifundweni zakhe zebanga leshumi.

ABAKHOLWANGA abazali bezingane ezimbili zaseMandeni okungu-Joshua Pillay obefunda eMandeni Academy, kanye no -Perm Mthethwa obefunda oThukela High School, mhla ziyishuminane kuMasingana (14 January) ngesikhathi kutheleka uMeya woMkhandlu waseMandeni uMnu. Sphesihle Zulu emizini yabo ngenhloso yokuzobonga nokuzohalalisela labafundi ngokwenza kahle ezifundweni zabo zebanga leshumi.

Ephawula ongubaba ka-Joshua Pillay ozidlele amahlanga ngesikhathi ephumelela ngamalengiso ezifundweni eziyisishiyagalombili kumatikuletsheni, uMnuz Mark Pillay uthe ukusebenza kanzima nokuzikhandla kuyasiza wathi ubehlala njalo egqugquzela indodana yakhe ukuba izimisele emsebenzini wesikole.

Uqhube wathi indodana yakhe ifunda eNyuvesi yase Wits lapho iyokwenza khona izifundo zeSayensi.

Ephawula uJoshua uthe ubonga abazali bakhe ngokuhlala njalo bemgqugquzela ukuba azimisele emsebenzini­ wakhe, wathi ngeke akushiye ngaphandle ukubonga umdali.

Ngakolunye, uNkk Olga Yeyeni uMama kaPerm Mthethwa ophumelele ngamalengiso ezifundweni eziyisikhombisa uzwakalise ukujabula ngempumelelo yendodakazi yakhe wathi lomvuzo awuvelanga waziqhamukela kodwa kungenxa yokuzikhandla kwendodakazi yakhe.

Uthe:“Kwesinye isikhathi indodakazi yami ibingalali ifunda nabangani bayo,” usho kanje.

Ebuzwa uPerm ukuthi ngabe kukhona yini lapho ebefake khona isicelo sokuyofunda khona uthe: “Ngizolibhekisa esikhungweni semfundo ephakeme esiseMgungundlovu e-UKZN, lapho ngiyokwenza khona izifundo zezolimo, kanti ngiyafisa ukubonga abazali bami ngokungeseka ngiphinde ngibonge nomdali ngokungihola kuze kufike kulomzuzu,” kusho yena.

Enkulumweni yakhe uMeya ubonge labafundi ngokubeka iMandeni kwibalazwe, wathi ukusebenza kanzima kunomvuzo umuhle. Uqhube wathi nabanye abafundi basangaphumelela njengalezingane wathi umuntu uzikhethela yena ukuthi ufunani, waseyala labafundi ukuba baqhubeke nokwenza kahle nasemfundweni ephakeme.

Uthe: “Nginidonsa ngendlebe ukuba ningalibali yizinto ezingeke zinisize ngalutho ekuhambeni kodwa nizinike isikhathi esanele sokufund. Kumuntu ofana no-Perm kumele azi ukuthi njengoba ethi uyofunda eMgungundlovu nje kumele azi ukuthi iMandeni ihluke kakhulu kunoMgungundlovu futhi ziningi izinto azozifica phambili ezingaphazamisa umfundi, okwakhe nje ukuthi kumele azibambe ziqine, ngokunjalo naku Joshua kumela azi ukuthi ufunani khona nabazali bakhe bezoqhubeka nokuziqhenya ngaye.

Ngikusho lokhu ngoba abanye abafundi baphuma emakhaya beyonakana namantombazane bekhohlwe abakusukele emakubo abanye bedle izidakamizwa, sengiphetha ngiyanxusa ukuba nibahloniphe nabanye abafundi eniyobafica phambili ngoba kungenzeke babengabaqashi benu bakusasa,” usho kanje uMeya.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5686 votes
It's four more years for Trump
54% - 6726 votes
Vote
ZAR/USD
16.41
(+0.18)
ZAR/GBP
21.42
(-0.49)
ZAR/EUR
19.46
(+0.05)
ZAR/AUD
11.62
(-0.21)
ZAR/JPY
0.16
(-0.24)
Gold
1918.15
(+0.41)
Silver
25.00
(+1.08)
Platinum
874.00
(+0.40)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2401.50
(+0.50)
All Share
55084.14
(-0.34)
Top 40
50638.20
(-0.42)
Financial 15
9978.38
(+0.22)
Industrial 25
74967.37
(-0.79)
Resource 10
53731.39
(-0.11)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo