Umkhosi wobuciko ube yimpumelelo

ISITHOMBE: SITHUNYELWE USihlalo we i-uHuru Poetry in Motion uMnuz Thamsanqa Dube, uNksz Khanyisile Zondo kanye nengcweti uMnuz Mlungisi Zulu kumkhosi wobuciko obubanjelwe eLuthuli Myuziyemu.
ISITHOMBE: SITHUNYELWE USihlalo we i-uHuru Poetry in Motion uMnuz Thamsanqa Dube, uNksz Khanyisile Zondo kanye nengcweti uMnuz Mlungisi Zulu kumkhosi wobuciko obubanjelwe eLuthuli Myuziyemu.

INHLANGANO ebizwa ngokuthi i-uHuru Poetry in Motion ibe nomkhosi wobuciko eLuthuli Myuziyemu ngeledlule.

USihlalo wale nhlangano, uMnuz Thamsanqa Dube uthe lo mkhosi ubuhlose ukugqamisa ukubaluleka kwemisebenzi yobuciko kanye nokugqugquzela izingcweti zaseGroutville.

Lo mkhosi ubuhanjelwe izimbongi, izingcweti , nabaculi kanye noNksz Khanyisile Zondo.

Ingcweti uMnuz Mlungisi Zulu, ohlala eGroutville, umangaze izibukeli ngenkathi ethatha isikhathi esingaphansi kwehora ukupenda umfanekiso.

UMculi, ophinde abe ngumthwebuli wezithombe zasebhayisikobho, uMnuz Masiphula Dube, ohlala Etete, ukhulume ngesithombe sakhe isihloko sayo esithi ‘iBhodlela’.

UNksz Khanyisile Zondo unikezwe ithuba lokuthi agqugquzele izibukeli.

Uthe: “Ngakwazi ukufeza amaphupho ami ngoba ngiyazazi ukuthi ngingu muntu onjani, ofunani empilweni,” kusho yena.

Uqhube wathi ukuzalwa emndenini ontulayo akusho ukuthi umuntu angeke awafeze amaphupho akhe.

Uthe: “Uma nje uzazi ukuthi ungubani nokuthi ufunani empilweni yonke into oyifisayo ingafezeka,” kusho yena.

UNksz Zondo uqhuba izifundo zakhe zobudokotela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

USihlalo we uHuru Poetry in Motion uMnuz Dube uthe: “Sifisa ukuthola abaxhasi abaningi ukudlula lokhu ngonyaka ozayo ngoba lo mkhosi ugqugquzela abantu abasha ukuthi beqhubeke nemsebenzi yobuciko,” kusho yena.

Uqhube ngokubonga uxhaso oluvele eLuthuli Myuziyemu, R.C. Hiring, SAPPI (Stanger), Ikhwezi FM kanye nabakwa Zimbali Rotary Club.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 3934 votes
Yes, but social media is part of the new reality
46% - 3647 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 395 votes
Vote
USD/ZAR
14.24
+0.3%
GBP/ZAR
19.82
+0.3%
EUR/ZAR
17.19
+0.3%
AUD/ZAR
11.07
+0.1%
JPY/ZAR
0.13
+0.2%
Gold
1,820.50
+0.3%
Silver
27.36
+0.2%
Palladium
2,933.01
-0.6%
Platinum
1,260.00
+0.4%
Brent Crude
68.09
-1.3%
Top 40
62,409
+1.1%
All Share
68,335
+1.1%
Resource 10
71,727
+2.5%
Industrial 25
86,290
+0.2%
Financial 15
12,637
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo