Umphathiswa nohlelo lokuhlola ukusebenza ezikoleni zeLembe

PHOTO: suppliedIzikhulu zoMaspala beLembe ziholwa uMeya uSduduzo Gumede kanye namalunga esishayamthemtho ngenkathi uMphathiswa wwezemfundo enikezela ngezinsiza ezikoleni zakwaMaphumulo ngeledlule.
PHOTO: suppliedIzikhulu zoMaspala beLembe ziholwa uMeya uSduduzo Gumede kanye namalunga esishayamthemtho ngenkathi uMphathiswa wwezemfundo enikezela ngezinsiza ezikoleni zakwaMaphumulo ngeledlule.

Umphathiswa wezeMfundo KwaZulu Natal uMthandeni Dlungwana kanye namalunga esishayamthetho sesifundazwe namakhansela oMasipala besifunda seLembe bavakashele izikole zalesisfunda njengenxenye yohlelo lomnyango lwaminyaka yonke yokuhlola izikole emva kwemiphumela kamatikuletsheni ngolwesithathu zi-17 kuMasingana.

Loluhambo luqale ezikoleni zakwaMaphumulo iNkonjane Secondary kanye neMbekaphansi High school ngenhloso yokuhlonza izingqinamba eziholele ekutholeni imiphumela engemihle kwezinye zalezi zikole nyakenye.

Lezizikole zombili zingezinye ezithole ngaphansi kuka-40% kwimphumela kamatikuletsheni wangowezi-2017.

Loluhlelo luyingxenye lokuhlola kwezikole ngumnyango nohlose uku nokubhekana ngqo nezinqinamba nokuqhamuka nezisombululo ekufukulni imiphumela kusukela nonyaka kuya phambili.

Usokhaya wakwaMaphumulo uZibuyisile Khuzwayo-Dlamini unxenxe abaholi bomphakathi kanye nabangamele izikole ukuba basebenze ndawonye noMnyango Wezemfundo nomasipala ukulwa nezinto eziphazamisa inhlalakahle yasemphakathini.

“Izingane zethu kumele kube ngumsebenzi wethu ukuzinakekela njengabazali, ingazne kumele ifundiswe ekhaya isimilo nenhlonipho.

Othisha bona bakhonela ukusiza ingane isimame ngkwemfundo, manje ke asibambisane ukufukula izingane zethu,” kubeka uKhuzwayo Dlamini.

Ezinye zezinqinamba ezibekwe othishanhloko bezikole zendawo kubalwa ukukhulelwa kwabafundi, ukushoda kothisha, ubunzima bokuwela umfula uThukela meline kakhulu kanye nokwanda kwabafundi abashiya isikole.

uMphathiswa uDlungwane naye ube esenxusa iziphathimandla ukuba zibambe iqhaza ekusebenzeni kwezikole kwansuku zonke waphinde wathi imfundo yebantwana kumele ize kuqala.

“ Izikole lezi ezithole ngaphansi kuka-40% komele ziqhamuke necebo elizonqanda ukuphinda imiphumela yanyankenye. Imiphakathi nezinye izinhlaka kumele zibonakale ekusebenzeni kwezikole kwansuku zonke ukuze sakhe imiphakathi encono neNingizimu Afrika eqhakazile,” usho kanje.

Umphathiswa njengokujutshwa kwakhe esifundeni seLembe uvale uhambo lwakhe ngokuvakashela iSizani Primary School e Salt Rock kanye ne Bhidakhona Primary eNdwedwe.

Kube sekuba khona umhlangano wokubhunga nobuse Stanger High School.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Until the matric exams are over, my family is:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Self-isolating to ensure we don't miss any exams
13% - 176 votes
Following Covid-19 safety protocols, but still going out like normal
54% - 756 votes
Business as usual, we're not worried about the virus
33% - 462 votes
Vote
ZAR/USD
16.23
(+0.67)
ZAR/GBP
21.02
(+0.59)
ZAR/EUR
18.90
(+1.01)
ZAR/AUD
11.40
(+0.88)
ZAR/JPY
0.16
(+0.82)
Gold
1877.90
(+0.05)
Silver
23.62
(+0.11)
Platinum
844.50
(+0.39)
Brent Crude
37.86
(-0.84)
Palladium
2204.58
(+0.60)
All Share
51684.70
(-0.41)
Top 40
47472.92
(-0.22)
Financial 15
9459.76
(-3.04)
Industrial 25
73405.64
(+1.00)
Resource 10
47245.91
(-1.21)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo