
UMCULI we-gospel uMnuz Khumbulani Mthiyane, waKwaDukuza, uthi i-albhamu yakhe yomculo wokholo isiyatholakala KwaDukuza namaphethelo.
Isihloko se-albhamu kaMnuz Mthiyane sithi: Entabeni,kanti ikhishwe ngaphansi kwenkampani ebizwa ngokuthi Mulaudzi Trading ephethwe uMnuz Godfrey Mulaudzi.
Uthe: “Le albhamu ikhishwe ngoJuni, kanti ibizwa ngokuthi Entabeni ngoba uma amakholwa ehlangene efisa ukuba nomkhuleko noma efisa ukuxhumana noMdali, ahlanganyela entabeni, ngale albhamu ngidlulisa umkhuleko wabantu baka Nkulunkulu,” kusho uMnuz Mthiyane.
Uqhube ngokunxusa umphakathi waKwaDukuza ukuba umeseke ngokuthenga i-albhamu yakhe.
UMnuz Mthiyane uthe: “Isicelo sami kubantu baKwaDukuza, nabo bonke abahlala kulesi sifunda, sisodwa nje, ngicela ukuthi beyithenge le albhamu ngo R50 nje kuphela. Benga xhumana nami enombolweni ethi 078 882 3892 noma benga xhumana noMnuz Siphiwe Mthiyane enombolweni ethi 073 851 6485 uma befuna ukuthola umculo wami,” kusho yena.
Uqhube wathi le albhamu ishaya ngama noni angu-12, kanti iculo elithi Egolgotha, okuyi noni lokuqala, yilona alifake eziteshini zomsakazo njenge Izwi lo Mzansi, Khwezi Kanye noKhozi FM.
Uthe: “Le ngoma, Egolgotha, ikhuluma ngendawo lapho abantu abakholwayo abafike bethole izibusiso khona, indawo lapho umuntu afike athethelelwe izono zakhe khona,” kusho uMnuz Mthiyane.
Uthe onke amaculo abhalwe nguyena kanti umsebenzi wokuqopha le albhamu wenziwe nguMnuz Khehla Nkosi ophinde adlale ikhibhodi.
UMnuz Mthiyane uqhube ngokubonga nabanye abaculi asebenzisane nabo ukuqopha le albhamu.
Uthe: “Ngifisa ukubonga uSiphelele Ntuli, uMaqhude Mkhize, uNosiphiwo Msila kanye no-Obrigado Jahman,” kusho uMnuz Mthiyane.
Ngokusho kwakhe, le albhamu ihlukile kwamanye awomculo wokholo ngoba yena nabaculi asebenzisana nabo bazidlalele bukhoma izinsimbi kanti futhi baziqophela bona amaculo.
Uthe: “Ngithanda nokubonga bonke asebethe bangeseka ngokuthenga umculo wami nalabo abaneqhaza ekutheni bengikhuthaze ukuthi ngenze umculo wokholo. Ngingawukhohlwa nomndeni wami nawo ngiyawubonga ngakho konke ongenzele khona,” kusho uMnuz Mthiyane.