Ukulifaka kufana nebhonasi

Cape Town - Uyolihamba uze uliqede izwe, ayikho into ethobisa umuntu njengocansi.

Angikhathali noma kungathiwa indoda inolaka olungakanani, kuba khona oyedwa wesifazane ekwaziwayo ukuthi uma esethintwe wuye, kuyashintsha ukwenza kwehle nolaka.

Nabesifazane nabo noma kungathiwa umuntu akangeneki uyaziwa, kuba khona ugalakajana omaziyo ukuthi uthanjiswa kuphi. Kuyona yonke imigilingwane ehlobene nocansi, sengithole ukuthi ukhiye ekuyiwona wona, ukuwotawotana.

Ukulifaka phakathi yinto yokugcina nesingayibiza ngebhonasi.

Ngike ngadlana indlebe nabathile ukuzama ukuthola izindawo ekumele zingashiywa ngaphandle uma kuwotwawotwanwa.

Intamo: Kungamane kungaphinde kungenelwanwe uma engangiqabuza emqaleni nasezindlebeni bese ehamba engasacobhozanga (Ukucobhoza yisona sigaba sokugcina, IBHONASI), kusho umngani.

USis'Omdala uthi: Ukuqatshuzwa emqaleni kumnandi ngoba ningaqala noma nikuliphi igumbi noma kungaba yisekhishini, nijahane nigijimisana ngolimu indlu yonke nigcine niwangene wonke amakamero.

Usakhona entanyeni, kuba nalo moyana ofudumele kamnandi owuzwisa isithandwa sakho ngesikhathi uqhubeka usiqabula usiphefumulela eduze.

Izindlebe: Uma udlulela ezindlebeni usamgijima ngolimi, ithi uziqabula sakuzikhotha uzimunca kule ndawo engena amacici, uphinde unyenyezele isithandwa sakho amazwi amnandi.

Isisu: Ngezansana kwezimbambo, kwamancane, ayikho indawo emnandi njengokudlaliswa lapho!!! Ngisho kungathiwa awuzazi izithakazelo, uma ubanjwa kwamancane udlaliswa ngolimi sengathi umuntu uyakuqopha, ungagcina uzifundile umthakazele umkhumbuze okhokho bakhe.

Noma ngabe usebenzisa ulimi noma isandla, ngiqinisekisekile kune mizwa enamandla eyafihlwa ezinhlangothini, kuvuka indumiso nomenziwa angakholwa ukuthi kunobumnandi obuvalelwe emzimbeni wakhe uqobo, kuphela nje kumele kube khona ozofika azozamazamisa ichibi kuqubuke uju.

Ungalokothi uyikhohlwe le ndawo uma nidlalisana nesithandwa sakho.

Izandla: Izandla uqobo lwazo (hands). Ingaphandle nengaphakathi lezandla linemizwa ekuthambisa igijimise igazi umzimba wonke. Uma unobuchule bokuqabuza izandla, uzovumelana nami ukuthi "umenziwa " umqeda amandla avumele intando yakho.

Kumnandi ukwazi umzimba wesithandwa sakho ngaphambili nangemuva. Akumele kube nendawo emzimbeni wothandiweyo wakho, ekukhulunywa ukuthi akaze uyithinte uzame ukuthola ukuthi iqukethe buphi ubumnandi.

Ngithi kini, ningajahi ukulifaka, lokho akube okokugcina. Ubumnandi bonke bulele ekutheni uyihamba kanjani indlela eya eKhenana, uma uhluleke lapho, kungenzeka izwe loju nezinyosi ugcine ngokulikhomba ngezandla.



Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com 


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Should Proteas star Quinton de Kock continue playing at the T20 World Cup even if he doesn't take the knee in support of the fight against racism?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! He should be allowed to show his support any way he chooses
39% - 2006 votes
No! If De Kock refuses to unite with his teammates, then he should be on the next plane home
12% - 619 votes
The only ones at fault here are Cricket SA, who have sabotaged another Proteas World Cup
49% - 2567 votes
Vote
Rand - Dollar
15.06
-0.0%
Rand - Pound
20.68
-0.1%
Rand - Euro
17.47
-0.1%
Rand - Aus dollar
11.30
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.3%
Gold
1,801.01
+0.3%
Silver
24.09
+0.0%
Palladium
1,980.00
+0.9%
Platinum
1,016.50
+0.4%
Brent Crude
84.58
-2.1%
Top 40
60,874
0.0%
All Share
67,475
0.0%
Resource 10
63,082
0.0%
Industrial 25
87,253
0.0%
Financial 15
14,054
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE