Ababhikishi baqhumise imoto ngebhomu likaphethiloli ku-M5

eKapa - Usinde ngokulambisa umshayeli wemoto eqhunyiswe ngebhomu likaphethiloli ngesikhathi ehamba emgwaqeni uPrince George Drive (M5).

Lokhu kwenzeke phakathi kwemigwaqo u-Vrygrond/Capricorn noMarina da Gama kanti lomshayeli wesimame ubenhlanhla yokuphunyuka ngesikhathi ehlaselwa.

OLUNYE UDABA:Kuvalwe u-N2 ababhikishi bejikijela amatshe emgwaqeni

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sehlakalo ngoLwesibili athi kuvulwe icala lokuzama ukubulala, udlame lwasemphakathini kanye nokulinyazwa kwempahla nokuyinto eyenzeke ngesikhathi ababhikishi bevale umgwaqo ngamatshe ngoMsombuluko.

Umphakathi walapha eVrygrond ukhala ngokulethwa kwezinsiza kanti kuboshwe umuntu oyedwa.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Noloyiso Rwexana uthe: “Ngokwemibiko esiyitholile, bekubhikisha abantu abangu-150.

"Lo wesimame ubehamba ngemoto yakhe uPrince George ngesikhathi ebona izingane eziningi emgwaqeni. Kuthe kusenjalo wezwa umsindo omkhulu wabona imoto yakhe ivutha.

Lo mshayeli ube namanxeba okusha, kanti uphuthunyiswe kudokotela lapho athole khona usizo oluphuthumayo.

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ngodlame lwasemphakathini kanti uzovela phambi kweMantshi yaseWynberg.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 6594 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 1935 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 7934 votes
Vote
USD/ZAR
14.61
(0.0)
GBP/ZAR
20.02
(0.0)
EUR/ZAR
17.37
(0.0)
AUD/ZAR
11.13
(0.0)
JPY/ZAR
0.13
(0.0)
Gold
1,743.98
(0.0)
Silver
25.25
(0.0)
Platinum
1,204.50
(0.0)
Brent Crude
62.95
(-0.4)
Palladium
2,641.93
(0.0)
All Share
67,191
(+0.2)
Top 40
61,459
(+0.3)
Financial 15
12,123
(+0.8)
Industrial 25
87,544
(+0.1)
Resource 10
68,608
(+0.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo