Durban – Umama waseThekwini othi unengane eneminyaka engu-13 ubudala, uhola abalaleli abafuna kuxoshwe emsakazweni i-East Coast Radio uMajota Khambule, odume ngelikaPhat Joe.
La balaleli bakhala ngokuthi le nkakha yomsakazi ikhuluma izinto ezilumelayo nezihlambalazayo emoyeni, kubika iSowetan.
Lo mama, onguHayley Going, nguye oqale umkhankaso uthi lo msakazi akakhishwe emoyeni ngoba akabacabangeli abalaleli balo msakazo.
OLUNYE UDABA: IGagasi ligcine limfake amasondo umsakazi
“Njengesakhamuzi saseThekwini ngibona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngilusukumele lolu daba. UPhat Joe akafanele ukusebenza kuDrive Time. Ngicela abalaleli bomsakazi bangeseke ekutheni lo msakazi axoshwe,” kusho uGoing.
Uthe uyethemba ukuthi izikhulu zizolusukumela ngokushesha lolu daba.
Phakathi kwezinto abakhala ngazo ngoPhat Joe, kubalwa ukuphawula okunokucwasa ngokwebala, ukukhuluma ngocansi ngendlela ehlambalazayo nokwenza amahlaya ngokudlwengula.