Johannesburg – UNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo uthi abalandeli bakaMengameli Cyril Ramaphosa bafuna ukukhipha bonke labo ababeseka uNkosazana Dlamini-Zuma engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi ngoDisemba.
UMahumapelo ubekhuluma namalungu e-ANC ngoLwesibili njengoba ebhekene nesiphakamiso sokungethenjwa koboholi bakhe esifakwe yi-Economic Freedom Fighters (EFF) esifundazweni.
UNdunankulu usolwa ngezinto eziningi, kanti muva nje kuthiwa inkampani yezikhali engaphansi kukahulumeni, iDenel, yanikela indodana yakhe umfundaze ka-R1 million kungalandelwanga imigudu efanele. Kodwa iDenel iyakuphika lokhu.
UMahumapelo usolwa nangenkohlakalo kanti oKlebe ngasekuqaleni konyaka bagasela emahhovisi akhe.
OLUNYE UDABA: Basale dengwane abashayeli kuteleka abamabhasi
UMahumapelo uthi amanye amalungu e-ANC abeka engcupheni ubumbano kanye nozinzo enhlanganweni.
“Bafuna bonke labo ababeseka uNkosazana Dlamini Zuma bakhishwe.”
Ngaphandle kokudalula amagama, uMahumapelo uthe laba akhuluma ngabo kumele badalulwe.