Durban - Owayenguthisahnhloko esikoleni iSouthlands Secondary School, uGona Pillay, utholakale edindilizile enamanxeba okugwazwa emzini wakhe okuSilverglen Crescent.
Abenkampani yonogada iBlue Security bathole ucingo lomuntu obezwakala ethukile lushaywa ngumuntu obekulo muzi ebusuku ngo-19:15.
Ngokubika kwephephandaba i-Rising Sun Chatsworth uPillay nomyeni wakhe uLoga bahlaselwe amadoda abehlomile ezenza abantu abafuna ukuthenga umuzi walaba bashadikazi osendalini.
OLUNYE UDABA:Sisenkantolo isalukazi 'esikhothisa' izingane isitho sangasese
UPillay ugwazwe amanxeba ambalwa emhlane nasentanyeni washonela egumbini lokugezela.
Umyeni wakhe naye ugwaziwe kodwa ngenhlanhla ukwazile ukuzihudula wacindezela inkinobho ye-alamu ukuhlaba umkhosi.
Abezimo eziphuthumayo bafike bahlenga laba bashadikazi bathola ukuthi unkosikazi usehonile, kanti indoda yona isaphila yize isesimweni esibucayi.
Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthi abasolwa basagcwele amathafa kanti kucelwa onolwazi ukuba athinte amaphoyisa.