Abathandi bakaMaskandi bakhala ngokuvalelwa ngaphandle kwabaculi koweMpucuzeko

Durban - Kulo nyaka i-World Cup kaMaskandi izobanjelwa enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.

Lo mcimbi kaMaskandi ungowokuqala ukulandela lowo wangomhlaka-29 Ephreli obuseCurries Fountain nowaphela kabi sekudutshulwa abalandeli.

IMpucuzeko yiwona mcimbi othandwa kakhulu kanti futhi kulo nyaka abathandi bomculo wesintu bazohlomula nangezokuthutha zamahhala.

Ngokusho kwabahleli balo mcimbi, kulo nyaka basebenza ngokubambisana noMasipala weTheku ukuthuthukisa uthando lomculo wesintu nokuvundulula amakhono amasha.

Umhleli walo mcimbi uXolani Mcineka uthe umkhankaso wabo bebambisene nomasipala bawuqala emahhostela.

OLUNYE UDABA:UPhuzekhemisi uxolisile “ngenhlamba” okuthiwa wayithuka

“Kulo nyaka kunomkhankaso esiwuqalile noMaspala weTheku sivakashela amahostela ngenhloso yokuhlunga amaciko asekulungele ukudlala emcimbini osezingeni le-World Cup. Ebesikubheka ikhono nomlayezo ezingomeni kanye nokuzimisela kwakhe umculi,” kusho uMcineka.

UMcineka uthe uyakuqondisisa ukukhala kwabathandi bomculo ngabaculi abathile abangaqashelwanga kulo mcimbi kodwa ezinye izimo zibe ngaphezu kwamandla abo.

“Baningi abaculi esithanda ukubafaka kodwa silawulwa yisikhathi, kulokhu sizosheshe siqede. Maningi kakhulu namanye amaciko esingakafinyeleli kuwo, asezingeni elihle nawo,” kuqhubeka yena.

Abalandeli balo mculo bakhala kakhulu ngokungamenywa kukaBobo uMfana wePiki kanye noBheki Mshengu kanti futhi akucacile kahle ukuthi ngobani abaseMkhomazi abazobe bekhona njengoba kusavela igama likaBahubhe kuphela.

UMcineka uthe isinqumo sokuqashwa kwabaculi sihambisana nesabelo sezimali abanaso kulo nyaka, kodwa bazame ngakho konke ukuvulela nabanye abaculi abangazange balithole ithuba ngonyaka odlule njengoJaiva kanye noZanefa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4738 votes
It's four more years for Trump
54% - 5639 votes
Vote
ZAR/USD
16.52
(-0.11)
ZAR/GBP
21.39
(-0.23)
ZAR/EUR
19.45
(-0.53)
ZAR/AUD
11.68
(+0.29)
ZAR/JPY
0.16
(-0.06)
Gold
1903.13
(+0.15)
Silver
24.36
(+0.65)
Platinum
857.00
(-0.58)
Brent Crude
43.03
(0.00)
Palladium
2329.73
(+0.90)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo