Abe-EFF bavale isitolo sakwa-Pick n Pay eKhathu

EGoli - Amalungu e-Economic Freedom Fighters (EFF) assivala thaqa isitolo sakwa-Pick n Pay endaweni yaseKhathu eNorthern Cape.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunemibhikisho kanti leli qembu belihola abasebenzi abebetelekile bekhala ngokungaphathwa ngendlela emsebenzini.

Omunye wabasebenzi bakulesi sitolo utshele abezindaba ukuthi: "Ngineminyaka cishe emine ngisebenza kulesi sitolo kodwa akukho okuyinzuzo efana ne-provident fund enginakho. Uma uphuma kulesi sitolo bakuxoshisa okwezibi."

Lesi sisebenzi sithi bafuna ukuzuza okuthile njengamabhonasi nezinye izinto ezibalulekili, kungagcini ngemifaniswano yokusebenza kuphela,"kubika iSABC News.

OLUNYE UDABA:Ngiboshelwe amanqina enyathi, kusho uZuma

Kwesinye isigameko, umholi we-EFF uJulius Malema utshele abantu ukuthi abaqhubeke nokuwuthatha ngo-dli umhlaba.

UMalema usho lokhu engaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesihlanu, ngemuva kokuhlehliswa kwecala lakhe.

Lizobuyela enkantolo ngomhlaka-27 Julayi.

UMalema wabekwa icala ngaphansi kwalo mthetho ngemuva kokugqugquzela amalungu e-EFF engqungqutheleni yokuqokwa kobuholi ngo-2014 ukuthi bathathe umhlaba abawubonayo.

"Asizona izihambi kulo mhlaba. Izinkaba zethu zasala lapha. Kanjalo nabelungu abazalelwe kuleli, izinkaba zabo zilapha. Nabo bafanelwe wukuwuthola umhlaba, kepha kumele bakulungele ukuthi bazokwabelana ngawo nabanye."

UMalema uthe akukho okungalungile ngokuba nabelungu abangabasizi basezindlini baphinde babe ngonogada futhi.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
36% - 1857 votes
I'll wait to see how others respond
27% - 1400 votes
No, I don't think they need it
37% - 1889 votes
Vote
ZAR/USD
14.48
(+0.40)
ZAR/GBP
20.49
(+0.21)
ZAR/EUR
17.63
(+0.22)
ZAR/AUD
11.54
(-0.36)
ZAR/JPY
0.14
(+0.87)
Gold
1801.45
(-0.23)
Silver
27.85
(+0.78)
Platinum
1265.06
(+1.48)
Brent Crude
64.18
(+0.19)
Palladium
2435.99
(+4.70)
All Share
66200.76
(+0.42)
Top 40
60747.41
(+0.42)
Financial 15
12354.99
(+0.99)
Industrial 25
86550.38
(-0.10)
Resource 10
66735.02
(+0.89)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo