Akakasho lutho uKhoza - Benni

Johannesburg - UBenni McCarthy uthi kuyamjabulisa futhi uzizwa ehloniphekile ngokumataniswa nesokuqeqesha i-Orlando Pirates.

IPirates yashiywa nguMuhsin Ertugral ngonyaka odlule kanti kusukela lapho ngu-Augusto Palacios obambe izintambo.

Nakuba kukholakala ukuthi uPalacios uzimisele ngokuqhubeka nokubamba izintambo uma iqembu lisamdinga, izimpawu zikhomba ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zizoqoka umqeqeshi omusha.

URuud Krol, Luc Eymael noRuud Gullit bangabanye babaqeqeshi abamataniswa nalo msebenzi.

UBenni McCarthy naye umataniswa naleli qembu, kungekhona ke futhi okokuqala.

OLUNYE UDABA: Ele-PSL liqinisekisile ukusayina umdlali weChiefs

Ngonyaka odlule wayengumsizi kamqeqeshi eqenjini laseBelgium, i-Sint-Truiden, kanti futhi manje usephothule nezifundo zokuqeqesha, i-UEFA A.

"Ngiyajabula ukuthi ngimataniswa neqembu elikhulu, kodwa ngeke ngawalawula amahlebezi. Uma abalandeli bengifuna, leso yisifiso sabo,” kusho uMcCarthy.

“Mina ngizoze ngizwe ngqo ngosihlalo weqembu uDr Khoza. Yilokho engingakusho okwamanje.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 126 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 236 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 622 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.07)
ZAR/GBP
20.25
(-0.26)
ZAR/EUR
18.17
(-0.15)
ZAR/AUD
11.23
(-0.26)
ZAR/JPY
0.15
(-0.11)
Gold
1786.61
(-0.02)
Silver
22.68
(+0.13)
Platinum
965.22
(+0.30)
Brent Crude
48.27
(+0.96)
Palladium
2413.01
(+0.60)
All Share
57822.50
(-0.17)
Top 40
53021.58
(-0.12)
Financial 15
11577.71
(-0.58)
Industrial 25
79894.95
(-0.12)
Resource 10
52804.55
(+0.03)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo