Johannesburg – Akasekho emhlabeni lowo owayenguNgqongqoshe wezemidlalo kuleli, uMakhenkesi Stofile, kusho i-ANC eNelson Mandela Bay ngoMsombuluko.
"Izwe lethu kanye nabantu bayalila ngokudlula emhlabeni kwelinye lamaqhawe omzabalazo, uRev Makhenkesi Stofile," kusho okhulumela i-ANC kulesiya sifunda, uGift Ngqondi, esitatimendeni.
Iqembu leDA e-Eastern Cape nalo lizwakalise ubuhlungu ngokushona kukaStofile.
Funda nalolu daba: Kudutshulwe iphoyisa likamasipala eNanda
"Kuyadumaza ukuzwa ukuthi akasekho emhlabeni lowo owayenguNdunankulu wase-Eastern Cape nobeyinxusa lakuleli eGermany, uRev Makhenkesi Stofile," kusho u-Athol Trollip esitatimendeni.
"Ngasohlangothini lweDemocratic Alliance, ngikhalisana nomndeni kaRev Stofile kanye ne-ANC ngokudlula emhlabeni kwakhe.”
"Sikhulekela ukuba uNkulunkulu abaqinise ngalesi sikhathi esinzima.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.