Amaphoyisa abulale abasolwa ngokuzama ukweba imoto

Durban – Abalisa abathathu badutshulwe babulawa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ababambe entshontsha imoto eMalvern, eningizimu yetheku ngoLwesihlanu ebusulu.

Okhulumela amaphoyisa uJay Naicker uthe amaphoyisa abelandela umbiko othi kwebiwa imoto yeToyota Tazz kuMain Road ebusuku ngoLwesihlanu.

Abone abalisa abahlanu behamba ngemoto yeVW Jetta bezama ukweba imoto, kodwa babaleka ngesikhathi bebona amaphoyisa.

Ngesikhathi amaphoyisa ebajaha, bavulele ngenhlamvu.

"Amaphoyisa aphindisele ngezulu lezandla nawo ebhekise kubasolwa,” kusho uNaicker.

Funda nalolu daba: 'Ngipokelwa unkosikazi ufuna senze ucansi'

Abasolwa babili babalekile kanti abathathu kubona badubuleke bashonelela endaweni yesehlakalo.

Amaphoyisa abathole nezibhamu ezintathu ezixikiziwe izinombolo zesibhamu. 

Awekho amaphoyisa athole ukulimala.

Amaphoyisa kumanje athungatha abasolwa ababaili ababalekile.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 947 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1790 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9827 votes
Vote
ZAR/USD
15.27
(-0.66)
ZAR/GBP
20.36
(-0.36)
ZAR/EUR
18.17
(-0.58)
ZAR/AUD
11.21
(-0.23)
ZAR/JPY
0.15
(-0.68)
Gold
1813.83
(+0.27)
Silver
23.40
(+0.61)
Platinum
955.00
(-0.21)
Brent Crude
47.84
(+3.78)
Palladium
2331.50
(-0.26)
All Share
57785.92
(+0.04)
Top 40
52989.96
(-0.11)
Financial 15
11667.30
(-0.07)
Industrial 25
79908.51
(-0.27)
Resource 10
52620.42
(+0.10)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo