Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya isigameko sokubulawa nokubanjwa inkunzi kwesalukazi esineminyaka engu-81 ubudala esitholwe sesiyisidumbu emzini waso osePhoenix, enyakatho neTheku ngoMsombuluko ebusuku.
OLUNYE UDABA: Kuphenywa isibhedlela ngokufa kwesiguli ebesihlukunyezwa
Okhulumela amaphoyisa uNqobile Qwala uthe kwebiwe nethelevishini ngesikhathi kuphangwa, kubika iNewswatch.
"Kusolwa ukuthi ucinwe umoya ngomqamelo, bekungakaboshwa muntu okwamanje kodwa uphenyo luyaqhubeka," usho njalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho