‘Amaphoyisa asasazelwa ngenja ePhoenix’

Durban - Iphoyisa elibulale inja yohlobo lwePitbull ePhoenix ngempelasonto selichithe  izinsolo zokuhlukumeza, lithi amaphoyisa ayehlaselwa kanti laliphoqelekile ukuba kube khona elikwenzayo ngemuva kokusasazelwa ngenja.

Izishoshovu zezilwane kubikwa ukuthi bafuna ukuthathela leli phoyisa izinyathelo.

Ilungu lamaphoyisa ophiko lweK9 futhi elithanda izilwane lithe: "Ngiyazithanda izinja, inja yami inguphathina wami futhi ngiyithatha njengomngani wami omkhulu kodwa ngangivikela uzakwethu. Kufanele enze njani amaphoyisa uma ehlaselwa?

OLUNYE UDABA:  Ilahlwe yicala indoda eyaluma inja yayiqhumisa iso

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe amaphyoisa ayeyosesha umuzi eSteelside Place ngemuva kokuncinzwa indlebe ngezidakamizwa.

UZwane uthe kwashaqwa izidakamizwa zohlobo lwemandrax angu-64 kwaboshwa abantu abathathu.

Amaphoyisa ayeseme ngaphandle kwesango isikhathi esingaphezu kwehora engakwazi ukungena ngenxa yenja, lisho uZwane.

Iphoyisa elabulala lenja laqale layivimba ngeketanga ngemizamo yokuyehlisa ulaka kodwa umnikazi wenja wayiqaqa wasasazela amaphoyisa ngayo ukuze ezohamba emzini wakhe, kubika iDaily News.

"Leli phoyisa ladubula emoyeni kodwa kwangasiza, yilapho uzakwabo waleliphoyisa aqhamuka khona wayidubula lenja."

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6814 votes
It's four more years for Trump
54% - 7924 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(+0.81)
ZAR/GBP
21.20
(+1.15)
ZAR/EUR
19.15
(+1.10)
ZAR/AUD
11.53
(+0.66)
ZAR/JPY
0.15
(+1.01)
Gold
1903.91
(-0.91)
Silver
24.71
(-0.98)
Platinum
885.00
(+0.23)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2382.50
(-0.08)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo