eMtubatuba - Amaphoyisa aseMtubatuba acela usizo lomphakathi ukuthola izihlobo zowesilisa otholakale eshonile, kubika iZululand Observer.
Isidumbu salo mlisa satholakala ensimini kwaManandi sitholwa ngabelusi ngomhlaka 2 Febhruwari.
Lo mlisa okukholakala ukuthi useminyakeni yo-35 ubudala wayegqoke ijakhethi ebhalwe Identity, yijini ekhakhi kanye namateki amhlophe.
OLUNYE UDABA:Uyakhala umndeni womshayeli wetekisi odutshulwa abagibeli kwaMashu
Emaphaketheini akhe bekukhona isixubho esibomvu.
Isidumbu sakhe sisasemakhazeni kahulumeni eMtubatuba kanti kuvulwe idokodo njengoba kusenziwa uphenyo ngaye.
Uma kukhona onolwazi ngesihlobo esilahlekile angaxhumana noKaputeni Justice Hlabisa ku-064 7331128 noma ashayele esiteshini saseMtubatuba ku-035 5506119.