eGoli - Kusuke izidubedube esibhedlela saseGoli iCharlotte Maxeke ngoLwesibili ngesikhathi kunesiteleka.
Kulokhu amalungu eqembu i-Economic Freedom Fighters ebambisene nenyunyana i-National Education, Health and Allied Workers’ Union bebeqhuaba isiteleka ngaphakathi kulesi sibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubele uthe kubizwe amaphoyisa ukuba ezohlakaza abantu abebeteleka.
"Amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza labo abebeteleka bevimbe indlela iziguli zingasakwazi ukungena nokuphuma," kusho uMakhubele.
Bangu-23 abantu abalimalile ngesikhathi kusuka izidubedube, abanye babaleke bayocasha emagumbini eziguli.
OLUNYE UDABA:Injabulo kuvulwa isikhungo sezemidlalo KwaDukuza
UNobhala we-EFF eGauteng uSilumko Mabona uthe leli qembu lihlezi libhikisha ezibhedlela nyangazonke.
"Siqonda ngqo ezibhedlela ezinezinkinga zabasebenzi bezempilo kakhulu ngenxa yokuthi sizama ukungenelela," kusho yena.
Uthi kuyihlaya okwenzeka ezibhedlela zikahulumeni.
UMabona uphethe ngokuthi incwadi yabo yezikhalazo bayinikeze uKelebogile Lekgetho, okunguyena obemele i-CEO yalesi sibhedlela.