Amaphoyisa nesiteleka 'esiwumshoshaphansi'

Durban - Sishubile isimo esiteshini samaphoyisa eLamontville, eningizimu yeTheku njengoba iningi lamaphoyisa lifuna aphume aphele umphathi walo, kubika iphephandaba ILANGA.

Amaphoyisa akhala ngokuhlukunyezwa yilo mphathi amusola ngokwenzelela uma kuqashwa kwezinye zezikhundla ngaphakathi.

Kuthiwa lo mphathi-siteshi yinto ayijwayele ukuchapha amaphoyisa ngenhlamba phambi kwabantu, okungenye yezinto amaphoyisa akhala ngazo. Iningi lawo kubikwa ukuthi livele lakhetha ukuhlaba ikhefu emsebenzini ngoba lizama ukukhombisa ukungenami kwalo ngalo mphathi-siteshi okuthiwa ungundlovukayiphikiswa.

Sekuze kwathathwa amaphoyisa akwezinye iziteshi eziseduze ukuba ayolekelela njengoba iningi lasebenza e-charge office, kwa-crime privention nase-administration livele lahlaba ikhefu, ngokusho komthombo. 
Lo mthombo weLANGA ongaphakathi kulesi siteshi samaphoyisa - olidonse ngendlebe ukuba ungadalulwa - uthi sesiside isikhathi amaphoyisa ekhala ngomphathi-siteshi.

Uthi into ecasula kakhulu wukuthi uma kunezikhala zangaphakathi, umphathi-siteshi uqasha izihlobo zakhe noma abebala lakhe.

"Le nto iyacasula ngoba uma kunezikhala zomsebenzi, kusuke kukhona abantu abangamavolontiya ngaphakathi abasuke befake izicelo kodwa yena akayingeni indaba yabo njengoba evele aqashe izihlobo zakhe noma abantu bebala lakhe. Kangisayiphathi eyokuhlukumeza amaphoyisa, akanendaba nokuthi kusuke kukhona abantu uma ewathethisa awabize ngayo yonke inhlamba ongayicabanga. Ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya, kunentombazane engu-constable ayichaphe ngenhlamba phambi kwamaphoyisa eyibuza ukuthi ngubani oyitshele ukuthi mayize emsebenzini ngoba bekumele isebenze e-charge office ngalelo langa."

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe unike ithemba abazali bezingane ezingazitholi izikole

"Ingane yabantu ihambe isinyobozela emuva kokuthethiswa, ithukwa phambi kwamanye amaphoyisa. Sekukaningi kukhalwa ngaye lo mphathi. Amanye amaphoyisa asekhethe ukuvele ahlabe ikhefu lokugula kanti lokhu akwenza ngenhloso yokuhudula izinyawo emsebenzini kuze kube kuhanjiswa lo mphathi. Uma ungaya khona esiteshini, kugcwele amaphoyisa akwezinye iziteshi aceliwe ukuba ayophesha izikhala njengoba iningi lamaphoyisa lingekho lisekhefini. Namuhla (izolo) kuzobe kukhona umhlangano lapho kuzobe kuhlangene amaphoyisa kudingidwa ukuthi uma engahambi lo mphathi kuzokwenzekani," kusho yena.

Uthi amaphoyisa akulesi siteshi akhathele wukuxhashazwa yilo mphathi kanti amfuna ehambile. Ongusihlalo weSouth African Police Union (Sapu) KwaZulu-Natal, uMnu Johannes Bongani Mncwango, uthi sebeke bazithola izikhalo mayelana nomphathi-siteshi waseLamontville.

Uthi sebeke bahlangana no-claster commonder wakule ndawo wathembisa ukuthi njengoba umphathi-siteshi ebehlabe ikhefu ngoZibandlela (December), ngeke esabuyela kulesi siteshi.

"Sixakekile uma sesithola ukuthi emuva kokuhlaba kwakhe ikhefu usebuyele khona futhi emsebenzini yize bekunezikhalo emaphoyisani ngendlela aphethe ngayo. Njengamanje sihlela ukuthi siyohlangana nomkhuzi wamaphoyisa esifundazweni sixoxe naye ukuze kuzoqalwa uphenyo ngalezi zinsolo ezibhekiswe kumphathi-siteshi," kusho yena. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7526 votes
It's four more years for Trump
53% - 8644 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.10)
ZAR/GBP
21.11
(-0.12)
ZAR/EUR
19.19
(-0.12)
ZAR/AUD
11.55
(-0.13)
ZAR/JPY
0.15
(-0.14)
Gold
1901.55
(+0.01)
Silver
24.57
(+0.10)
Platinum
902.03
(+0.40)
Brent Crude
41.85
(-1.66)
Palladium
2378.04
(+0.61)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo