Durban - Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane uthathe ithuba wafisela abantu baseNingizimu Afrika amaholidi amnandi nabusisekile ePhasika.
"Egameni leDemocratic Alliance, ngithanda ukufisela bonke abantu abangamaKrestu iPhasika elihle nelibusisekile, kanjalo nabangamaJuda," esho.
Uthe iPhasika yisikhathi sokuba amaKrestu abungaze aphinde azindle ngokholo lwalo, ukuxolela kanye nokuthandana.
"UGudi kanye nosuku lwangeSonto yizoba zinsuku ezingcwele kakhulu ekhalendeni lamaKresu, njengoba zikhuluma ngokuzinikela kukaKrestu kanye nomyalezo wethemba lesiqalo esisha," kusho uMaimane ngesitatimende.
IPhasika likhuluma ngokuphulukiswa engcindezelweni kanye nenqubekelaphambili yabantu ekutheni bafinyelele enkululekweni.
"Nginxusa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela futhi bahloniphe abanye baphinde bahloniphe nemithetho yomgwaqo," esho.
Khonamanjalo, i-EFF nayo ifisele abantu bakuleli iPhasika elihle nelinezibusiso.
UKhongolose unxuse abantu ukuba bahloniphe imithetho yomgwaqo baphinde baqikelele ukuthi bafinyelela lapho eya khona bephephile.As CIC Malema put it earlier today; Be safe on the roads, don’t drink and drive... we need you alive because the land is coming. Don’t die before you get the land, you are going to be a landless ghost, troubling us around here... ????#HappyEaster pic.twitter.com/3EkBziEhgQ
— #RegisterToVoteEFF (@MbuyiseniNdlozi) March 29, 2018
#ArriveAlive We urge all travelers to observe and obey the rules of the road #Easter holidays pic.twitter.com/kmRh84btck
— African National Congress (@MYANC) March 30, 2018