Durban - Bebeswenke beconsa abasakazi boKhozi abashayela uhlelo uSgiyangengoma ngoMgqibelo uNgizwe Mchunu noBheka Mchunu ngesikhathi begqoka izimpahla zabantu besifazane.
UNgizwe noBheka bebegqoka ezabesifazane nje betshengisa ukubeseka njengoba kuyinyanga yabantu besiFazane.UNgizwe ubedlubhe iphinifa kanti uBheka yena ubeshaye isishweshwe.
OLUNYE UDABA: UKhozi FM lazikhetha kanjani izingoma zonyaka?
Abalaleli abebesezindlini zomsakazo beyobabuka bukhoma besakaza bahleke baze balala bebona lezi zinsizwa zidlubhe ezabesifazane.
UBheka uthe babone kubalulekile ukuthi abantu besifazane baphakanyiswe ngale ndlela yokugqoka kwabo ngoba yibona inzalabantu.
"Iningi labesifazane liyalulalela uhlelo lwethu, yingakho sithe ake sizifanise nabo ukuze babone ukuthi yikhaya labo nabo uSgiyangengoma."
UBheka uphinde wathi akufundile ukuthi kunzima ukuziphophotha ngoba kuthatha isikhathi eside nakuba ebekhona abemulekelela kodwa ubone kuthatha isikhathi.
UNgizwe yena uthe ubone impilo yasemakhaya ilula kakhulu uma uqhathanisa neyasedolobheni ngoba asku[heli isikhathi eside umuntu egqoka.
"Uyabona nje uma umakoti ebizwa nguninazala, uvele agaxe iphinifa lakhe emzimbeni afake amateki akhe onyaweni aphuthume futhi uhamba ngokukhululeka akalokhu esaba ukuthi angase awiswe yizicathulo ezicijile."
- ILanga Langesonto
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter