UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube ubethula isabelosezimali ngoLwesine ePetermaritzburg.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe, lo Ngqongqoshe uveze ukuthi abalelwa ku-232 amakhansela kwaZulu-Natal angenazo izitifiketi zika-matric, okudala izinkinga uma sekufanele kwenziwe umsebenzi.
UDube -Ncube uthe kufanele lesi simo sifakelwe izibuko ngoba sidweba isithombe esingesihle ngokuphathwa komasipala.
Uthe njengoba ethula isabelomali sikaR 1.6 billion, umnyango wakhe uzofingqa imikhono usebenze ngokuzikhandla ukwenza ngcono isimo somasipala
OLUNYE UDABA:UMahumapelo usabela impilo yakhe ngemuva kokuvela kwetulo lokumbulala
Ngokubika kwe-Isolezwe, lo Ngqongqoshe ubale ukuqeqeshwa kwamakhansela nabasebenzi njengoba esewonke amakhansela abalelwa ku-1 846 kodwa angu-234 ake alunguza esikoleni kodwa awukho umatric. Amane awakaze alubhade esikoleni bese angu-322 anawo umatric.
Uthe ngeke ayishiye ngaphandle indaba yezikhulu ezisezikhundleni eziphezulu kodwa zibe zingenazo iziqu ezifanele ukuphatha lezo zikhundla. Uthe umnyango kwesinye isikhathi uyaphoqeleka ukuzichitha izicelo zomsebenzi ngenxa yokuthi abazifakile abanawo amaphepha afanele namakhono.
“Sinqume ukuchitha izicelo eziyisikhombisa sachitha ezingu-33 zabafuna ukubamba ezikhundleni,’’ kusho uDube -Ncube etshela amalungu esishayamthetho sesifundazwe.