Angiyindawo - Umqeqeshi wePirates

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler umile kwelokuthi ngeke esule esikhundleni sakhe nakuba ephinde wehluleka ukususa leli qembu ngasemsileni ngempelasonto.

IBhakabhaka lidlale into engagculisi ngesikhathi libambana ngo-1-1 nePlatinum Stars kowe-Absa Premier League e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

IPirates ishiya iMaritzburg United esemsileni ngamaphuzu ayisithupha, njengoba inamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-11.

Funda nalolu daba: Uthi isiyamnenga eyama-draw oweChiefs

“Ngaphambi kwalo mdlalo bekusanamaphuzu angu-60 ebesisazowadlalela. Luselude ukhalo. Ngizimisele ngokuqeda endaweni engcono kakhulu futhi ngiyakholelwa ukuthi singakwenza lokho,” kusho uTinkler.

“Umphumela owodwa nje omuhle ungenza umehluko. Kuzomele ngiqhubeke nokubanethemba ngoba indlela engenza ngayo iyona ndlela abadlali abazowenza ngayo.”

“Angisona isehluleki esivele siyeke nje uma sekushubile, kukaningi ngikusho lokho kwabezindaba. Ngeke ngesule esikhundleni sami.”

“Kunzima ukuba ngasemsileni. Kodwa kumele ubenokuzethemba, nokuyinto enginayo vele.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 857 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1609 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 8756 votes
Vote
ZAR/USD
15.41
(+0.06)
ZAR/GBP
20.53
(-0.08)
ZAR/EUR
18.25
(+0.28)
ZAR/AUD
11.23
(+0.43)
ZAR/JPY
0.15
(+0.70)
Gold
1836.94
(-1.84)
Silver
23.57
(-2.48)
Platinum
926.76
(-1.62)
Brent Crude
45.19
(0.00)
Palladium
2343.00
(+1.45)
All Share
57147.31
(+0.94)
Top 40
52478.55
(+1.08)
Financial 15
11337.90
(+0.62)
Industrial 25
79917.53
(+1.49)
Resource 10
51771.17
(+0.65)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo