Johannesburg - Umculi wakuleli we-R&B neHouse weculo Shela uBucie ogamalakhe lokuzalwa nguBusisiwe Nolubabalo Nqwiliso ongafuni lutho ngezindaba zakhe zangasese usivulele isifuba ngokuthi kungani abalandeli bakhe bengasoze balibona isoka lakhe.
Kamuva nje exoxa nabeChannel O Turn Up lo mculi uqinisekise ukuthi unaye umuntu ahlekisana naye.
Kodwa uthi angeke aze abonakale naye emcimbini yakuleli, kusase kuseni.
OLUNYE UDABA: Ngicela indoda-Bucie
Ngesikhathi ebuzwa ngobudlelwano bakhe uBucie akashiyanga lutho ngaphandle. "Yebo nginalo isoka. Ngiyazi ngigcina ukufika la ngangingenalo kodwa kusenjalo."
UBucie uphinde wathi angeke aze abudalule emphakathini ubudlelwane bakhe.
"Anisoze nalibona isoka lami. lingelami, lingelami nomndeni wami nabangani bami. Uyazi ukuthi ngikuthanda kanjani ukugcina izindaba zami zangasese ziyimfihlo,' usho njalo eqhuba.
Lo mculi uthe uthanda ukuthi izinto zihambe ngaleelo hlelo. "Umculo owenu kodwa impilo yami ngeyami."
UBucie wasala ebuhlungu kulandela ukuhlukana nesoka lakhe laseMelika ngo-2012 kanti kubikwa ukuthi selokhu ubengajoli namuntu kwaze kwashaya unyaka ka-2015.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho