Johannesburg - Asefinyelele esivumelwaneni amaqembu amabili, iBaroka FC igcine neHighlands Park, abebanga umdlali, uRichard Matloga.
Ukufika kwalo mdlali kwiBaroka ngoJuni kwasusa umsindo njengoba iHighlands ibilokhu ithi usangumdlalo wayo uMatloga.
Lamaqembu amabili angomakoti kuPSL bekubukeka sengathi ngeke afinyelele sivumelwaneni njengoba uSinky Mnisi, ongumqondisi weHighlands Park, ebelokhu ekugcizelela ukuthi uMatloga usasalelwe wunyaka kwinkontileka anayo naleli qembu.
Funda nalolu daba: UKhoza uthi bafuna abantu abazoqopha umlando kwiPirates
“Inkontileka yakhe (uMatloga) iphela ngoJuni 2017. Uma lo mdlali ekuphika lokhu futhi efuna ukukuphosela inselelo kumele lolu daba aludlulisele kwiPSL esikuqinisekisile kuthina ukuthi usasalelwe wunyaka nathi. Simile lapho,” kusho uMnisi kwiKickOff.com ngasekuqaleni kwenyanga.
Kodwa manje lamaqembu asekwazile ukusombulula lolu daba ngaphandle kokufakana ezinkantolo, kanti uMatloga usengokhululekile ukuba angajoyina iBakgaga.
"Konke kulungiswe namhlanje ngaphandle kokuya enkantolo. Ukungaboni ngaso linye obekukhona emaqenjini amabili ngalo mdlali sekuphelile. Ngakho sengingasho ngingakungabazi ukuthi uMatloga usengumdlali weBaroka," kusho isikhulu esiphezulu seBaroka uMorgan Mamilla kwiKickOff.com.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.