Athengwa ubuthaphuthaphu amathikithi endumezulu yomcimbi kamasikandi

eThekwini - Abantu baseGoli bazozibonela ngawabo ubuhle nobumnandi obenzeka emcimbini kamaskandi ozobanjwa ngenyanga ezayo.

UMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ongumculi othandwa kakhulu kumaskandi uhlela indumezulu yomcimbi wokuqala ngqa owaziwa ngokuthi Indlabeyiphika Maskandi Festival ozokuba ngomhlaka-21 kuMbasa 2018 enkundleni yezemidlalo i-Ellis Park Stadium.

Lo mcimbi ungowokuqala kulo nyaka kodwa uzokwenziwa minyaka yonke ngayo le nyanga. Kulo nyaka, lo mculi uzodedela i-albhamu yakhe entsha sha ngaphambi kokuba ikhishwe ezitolo.

Abathandi bomculo wesintu bazokuthokozela ukwazi ukuba kuboshwe ngezintandokazi zodwa okubalwa kuzo uShwi noMtekhala, Mjikijelwa, Jaiva, Amageza Amahle, Khuzani, Thokozani Langa, iNdlovukazi kaMaskandi uBuselaphi kanye nabanye abaningi.

Ngokusho kwakhe, uMthandeni uthi kungukufezeka kwephupho lakudala ukuhlela umcimbi ofana nalona ozonikeza abaculi bakaMaskandi isithunzi esibafanele.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuphele ubu-glama kosisi iGcokama Elisha lishaya ingoma eYadini

“Abaculi bakamaskandi kabamenywa emicimbini emikhulu yomculo kuleli, kanti futhi uma kwenzeka besithola isimemo, kabanikezwa isithunzi kanye nenhlonipho efanayo nabanye abaculi abashaya umculo ohlukile.

“Lesi yisona sizathu esingenze ngaba nentshisekelo yokuhlela lo mcimbi,” kusho yena.

UMthandeni uthi akubanga lula ukuhlela umcimbi ofana nalona njengoba bengekho nabaxhasi abamlekelelayo, okuningi uzenzela yena ngokwakhe.

“Yize ngingenabo abaxhasi engibambisene nabo kulo mcimbi, ngizinikele ekwenzeni umcimbi osezingeni eliphezulu kakhulu, ukuze babone nabanye abahleli bemicimbi ukuthi kwenziwanjani,” esho. 

Amathikithi alo mcimbi atholakala eComputicket ngo-R100 kanti awezicukuthwane abiza u-R300 (uthola ne-CD lamahhala).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3010 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2080 votes
No, I don't think they need it
36% - 2925 votes
Vote
ZAR/USD
15.06
(-0.78)
ZAR/GBP
20.91
(-0.19)
ZAR/EUR
18.11
(-0.26)
ZAR/AUD
11.68
(-0.23)
ZAR/JPY
0.14
(-0.58)
Gold
1722.04
(-0.11)
Silver
26.18
(-1.16)
Platinum
1175.50
(-0.67)
Brent Crude
63.29
(-1.13)
Palladium
2356.00
(+0.49)
All Share
67393.22
(-0.21)
Top 40
61957.71
(-0.24)
Financial 15
12454.73
(-0.01)
Industrial 25
88126.95
(+0.05)
Resource 10
68490.92
(-0.69)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo