Ayicaci eyecala okuthiwa livulelwe oweMabala Noise

Durban - Ingena ezintangeni iMabala Noise ngecala ethi ilivulele uMhlo Gumede obengumxhumanisi wale nkampani nabezindaba, osolwa ngokukhwabanisa izimali kuyo.

Le nkampani isifonelwe izikhathi eziningana kucelwa inombolo yecala ethi ilivulele uMhlo kodwa iyenqaba ukuyidedela.

ILANGA LangeSonto lithole ngemithombo ukuthi uMhlo usesabise ngokuthi uzodalula izimfihlo zale nkampani uma ike yamvulela icala.

Umthombo uthi kakukho angakwazi uMhlo ngazo zonke izinto ezenzeka kule nkampani kwazise ubesondelene kakhulu noReggie Nkabinde ongumnikazi wayo.

"Uma ike yalivula icala iMabala Noise uthi ziningi izinto ezizohlala obala azozikhuluma ezenzeka kule nkampani," kusho umthombo.

Nokho umthombo uthi kakucaci ukuthi yini le uMhlo asabisa ngokuyiveza obala ngale nkampani ezakhele udumo ngokusayinisa inqwaba yabaculi esikhathini esifushane.

Izindaba zokufakwa ibhuzi kukaMhlo kule nkampani zivele ngeledlule. Ezinye izinsolo abekwa zona ngezokugwazisa abaculi abasafufusa, ebathembise ukubasayinisa izinkontileka zokuqopha ngaphansi kweMabala Noise.

USkhulile Nzuza oyiMenenja eMabala Noise ephendula ngalezi zinkulumo okuthiwa zenziwe nguGumede uthe: "Akaze asitshele lutho thina uMhlo futhi angikholwa nokuthi angakwazi ukuyimela leyo nto enjalo. Ukusisabisa kwakhe ngeke kusivimbe nakancane ukuba simvulele icala," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ugcine ekhonjwe indlela umsakazi woKhozi FM

Kuthe uma ecelwa inombolo yecala wathi umseshi ubayalele ukuba bangalinge bayinike abezindaba kuze kube nguye (umseshi) oshoyo. "Siyalelwe ukuthi sixhumana nabezindaba uma sekuphothulwe konke okufanele. Okwamanje sisafake isicelo sencwadi egunyaza ukuthi aboshwe," kusho yena.

USkhulile uphinde wala waphetha nokudalula isiteshi lapho kuvulwe khona icala, wala wenqaba futhi nokunika intatheli imininingwane yomseshi ukuze ikhulume naye.

IMabala Noise kuzokhumbuleka ukuthi isanda kukhomba indlela abanye babaculi abebesayinde ngaphansi kwayo okunguZandi Khumalo, uLetoya Makhene, uJ Spitter, uDJ Chynaman, uMbuzeni Mkhize ne-Victory Brothers. Ngaphambi kwalokho le nkampani ishiywe ngabaculi uRiky Rick noDJ Bongz.

Le nkampani ike yaba sematheni kuwo lo nyaka lapho ngesikhathi kuqubuka amahlebezi athi igwazele iMetro FM, ithenga izindondo zamaMetro FM Music Award. Lezo zinsolo zisuse okukhulu ukukhuluma kugxekwa le nkampani neSABC eyengamele iMetro.

ILANGA LangeSonto lizame kusukela ngesonto eledlule ukuthola uMhlo kumakhalekhukhwini wakhe ukuze aphawule kodwa wangatholakala. Ligcine selishayela nenkosikazi yakhe ucingo uZandile Gumede, kodwa lutho ukutholakala.   

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6754 votes
It's four more years for Trump
54% - 7864 votes
Vote
ZAR/USD
16.20
(+0.81)
ZAR/GBP
21.20
(+1.15)
ZAR/EUR
19.15
(+1.09)
ZAR/AUD
11.53
(+0.61)
ZAR/JPY
0.15
(+0.95)
Gold
1904.14
(-0.89)
Silver
24.65
(-1.13)
Platinum
885.00
(+0.17)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2370.00
(-0.11)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo